"nomhlangano"
11 occurrences in ZUL
Ngosuku lokuqala niyakuba nomhlangano ongcwele , nangosuku lwesikhombisa nibe nomhlangano ongcwele ; kungasetshenzwa ngazo , kuphela okudliwa ngabantu bonke; lokhu kodwa makwenziwe yinina.
Niyakumemezela ngalolo suku , nibe nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kuyisimiso esiphakade ezindlini zenu zonke ezizukulwaneni zenu.
Kepha ngolweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa kulusuku lokubuyisana; anoba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu , ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova.
Izinsuku eziyisikhombisa niyakunikela ngomnikelo womlilo kuJehova ; ngosuku lwesishiyagalombili nibe nomhlangano ozothileyo , ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova ; kungumhlangano wokugcina ; ningasebenzi msebenzi.
Ngosuku lolibo, lapho ninikela ngomnikelo omusha wempuphu kuJehova emkhosini wenu wamasonto, niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi,
Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kulusuku lokubetha amacilongo kini.
Ngolweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa niyakuba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu; ningasebenzi msebenzi,