Ngakho ngiyawancenga amalunga aphakathi kwenu mina engiyilunga kanye nawo , nofakazi wezinhlupheko zikaKristu , nomhlanganyeli wenkazimulo ezakwambulwa, ngithi:
Mina Johane , umfowenu nomhlanganyeli kanye nani ekuhluphekeni nasembusweni nasekubekezeleni kukaJesu , ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu.