Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami nawe , uze ungene emkhunjini , wena namadodana akho , nomkakho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe.
Phuma emkhunjini , wena nomkakho , namadodana akho , nabafazi bamadodana akho bekanye nawe.
U-Abimeleki wayesethi : Kuyini okwenzile kithina na ? Bekulula ukuba kufike omunye wabantu, alale nomkakho; ubususibangele icala.
Wathi kuMose: Mina mukhwe wakho uJetiro ngize kuwe, kanye nomkakho, namadodana akhe omabili enaye.
Thokoza ngokuphila nomkakho omthandayo zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize, oziphiwayo phansi kwelanga zonke izinsuku zakho eziyize , ngokuba lokhu kuyisabelo sakho kulokho kuphila ngomshikashika wakho owushikashikayo phansi kwelanga.