Skip to Content

"nomthetho"

35 occurrences in ZUL

Wayesekhala kuJehova ; uJehova wambonisa umuthi ; wawuphonsa emanzini, amanzi aba mtoti . Wabamisela khona isimiso nomthetho ; wabavivinya lapho,

UJehova wayesethi kuMose : Khuphukela kimi entabeni , uhlale khona , ngikunike izibhebhe zamatshe , nomthetho, nemiyalelo engiyibhalile ukuba ubafundise yona.

Niyakuba nomthetho munye kumfokazi nakowokuzalwa ekhaya ; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Niyakuba nomthetho munye kowenza kungengamabomu , nakowokuzalwa ekhaya phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo.

Qaphelisisani kuphela ukwenza imiyalo nomthetho aniyala ngakho uMose inceku kaJehova ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu , nihambe kuzo zonke izindlela zakhe , nigcine imiyalo yakhe , ninamathele kuye , nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.

UJoshuwa wayesenza isivumelwano nabantu ngalolo suku , wabamisela isimiso nomthetho eShekemi.

Kwaba njalo kusukela kulolo suku kuya phambili ; wamisa isimiso nomthetho kwa-Israyeli kuze kube namuhla.

Kuze kube namuhla benza njengemithetho yakuqala : abamesabi uJehova, abenzi njengezimiso , nezimemezelo zabo, nomthetho wabo , nemiyalo yabo uJehova ayala ngayo abantwana bakwaJakobe amutha u-Israyeli,

izimiso nezimemezelo nomthetho nemiyalo anilobela khona yikho eniyakukugcina ukuba nikwenze; ningesabi abanye onkulunkulu;

Bonke abangayikwenza umthetho kaNkulunkulu wakho nomthetho wenkosi mabahlulelwe ngaso sonke isineke , noma kube ngokokufa noma okokuxoshwa, noma impahla yabo ibe yisizi, noma kube ngukuboshwa.

Abantu abaseleyo , abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, namaNethini, nabo bonke ababezahlukanisile nabantu bezwe ukuba bazihlanganise nomthetho kaNkulunkulu , nawomkabo, namadodana a bo, namadodakazi abo, bonke ababe nolwazi nokuhlakanipha,

Ngokuba kwakukhona umyalo wenkosi ngabo , nomthetho wabahlabeleli njengokufunekayo imihla ngemihla.

Kuzo zonke izifunda lapho kwafika khona izwi lenkosi nomthetho wayo , kwaba khona ukulila okukhulu phakathi kwabaJuda , nokuzila ukudla nokukhala ngezinyembezi , nokulila; abaningi balala phansi bembethe izindwangu zamasaka nomlotha. U-Esteri uyabikelwa indaba. Impendulo yakhe

Ezifundeni zonke nasemizini yonke lapho kufika khona izwi lenkosi nomthetho wayo , abaJuda babe nokuthokoza nokujabula , nedili, nosuku oluhle. Abezizwe abaningi baphenduka abaJuda , ngokuba babehlelwe yingebhe ngabaJuda.

Ngenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka -Adari ngosuku lweshumi nantathu lwayo , lapho kusond ela izwi lenkosi nomthetho wayo ukuba kwenziwe, ngosuku izitha zabaJuda ezazethembile ngalo ukubusa phezu kwabo nokho kwaguqulwa ukuze abaJuda babuse phezu kwababazondayo.

Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.

Uyawuvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha, nomthetho womusa usolimini lwakhe.

Ngokuba kuyisimiso kwa-Israyeli nomthetho kaNkulunkulu kaJakobe.

Abazidlayo bangimbela imigodi, bona abaphambene nomthetho wakho.

Bayasondela abalandela ukonakala; bakude nomthetho wakho.

Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokulaya kuyindlela yokuphila,

Gcina imiyalo yami, uphile, nomthetho wami njengenhlamvu yeso lakho.

Yizwa wena mhlaba ukuthi : Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu, izithelo zemicabango yabo , ngokuba abaqaphelanga amazwi ami , nomthetho wami bawulahlile.

Ayesethi lawa madoda : Asiyikuthola lutho ngoDaniyeli , uma singalutholi kokuqondene nomthetho kaNkulunkulu wakhe.

Iyakukhuluma amazwi ngoPhezukonke , ikhathaze abangcwele boPhezukonke; iyakuhlosa ukuguqula izikhathi nomthetho; bayakukhashelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi nezikhathi nenxenye yesikhathi.

Ngokuba abaprofethi bonke nomthetho baprofetha , kwaze kwafika uJohane.

bathi: Lo muntu uphendukisa abantu ukuba bakhonze uNkulunkulu ngokuphambene nomthetho.

bamemeza bathi : Madoda akwa -Israyeli, yelekelelani; nguye lo muntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nes izwe, nomthetho, nale ndawo, futhi wangenisa ethempelini amaGreki , wayingcolisa le ndawo engcwele.

Khona uPawulu wathi kuye : UNkulunkulu uzakukushaya wena ludonga olucakiweyo; uhlalele ukungahlulela ngokomthetho, kodwa ngokuphambene nomthetho uyala ukuba ngishaywe na?

Kanjalo nani bazalwane bami , nani naba ngabafileyo maqondana nomthetho ngomzimba kaKristu ukuba nibe ngabomunye , lowo owavuswa kwabafileyo, ukuze sithelele uNkulunkulu izithelo.

kepha ngibona omunye umthetho ezithweni zami olwayo nomthetho wengqondo yami, ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami.

Lokho ngikusho ngokwabantu nje na ? Nomthetho kambe kawusho khona lokho na?

abesifazane mabathule emabandleni ; ngokuba kabavunyelwe ukuba bakhulume, kepha mabazithobe, njengokuba usho njalo nomthetho.

Ngokuba uma ubupristi buguquliwe , kuyadingeka ukuba kuguqulwe nomthetho.

Bonke abenza isono bayeqa nomthetho , ngokuba isono singukweqa umthetho.