Skip to Content

"nomunye"

42 occurrences in ZUL

ULoti wakhetha ithafa lonke laseJordani ; uLoti wasuka waya ngasempumalanga; bahlukana omunye nomunye.

Qeda isonto lalona, sikuphe nomunye ngomsebenzi osezakuwusebenza kimi eminye iminyaka eyisikhombisa.

Bakhulumisana omunye nomunye , bathi: Bhekani, inyanga yamaphupho iyeza.

Wayesethi kubafowabo : Imali yami ibuyiselwe ; bhekani, isesakeni la mi. Baphela amandla, babhekana omunye nomunye bethuthumela , bethi: Kuyini lokhu uNkulunkulu asenzele khona na?

Bahlala phambi kwakhe , izibulo njengobuzibulo balo nomncane njengobuncane bakhe; abantu bamangala omunye nomunye.

Akuthi yilelo nalelo pulangwe libe nemisuka emibili , omunye malungana nomunye; wenze njalo kuwo onke amapulangwe etabernakele.

Yilelo nalelo pulangwe lalinemisuka emibili, omunye malungana nomunye; wenze njalo kuwo onke amapulangwe etabernakele.

Ungathathi owesifazane kanye nodadewabo ukuba wambule ubunqunu bakhe kanye nomunye esekhona, aze ambange.

ukuba baswele isinkwa namanzi , bamangale omunye nomunye , babune ebubini babo.

Iminyango yamakamelo ezinhlangothi yayibheke endaweni eseleyo, omunye umnyango ngasenyakatho nomunye umnyango ngaseningizimu ; ububanzi bendawo eseleyo babuyizingalo eziyisihlanu nxazonke.

Izinceku zika -Akhishi zathi kuye : Lo akasiye uDavide , inkosi yezwe , na? Abavumelananga yini ngaye omunye nomunye , besina bethi : USawule ubulele izinkulungwane zakhe , kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi, na?

Yathi-ke inkosi : Mdabuleni kabili umntwana ophilayo , ninike omunye inxenye nomunye inxenye.

UJehova wathi: Ngubani oyakuyenga u-Ahabi ukuba enyuke afele eRamoti Gileyadi na? Omunye washo ukuthi nomunye ukuthi.

UJehova wathi: Ngubani oyakuyenga u -Ahabi inkosi yakwa -Israyeli ukuba akhuphuke, afele eRamoti Gileyadi na ? Omunye washo ukuthi nomunye ukuthi.

Ngokuba ngangithe kwabakhulu nakubabusi nakwabanye abantu : Umsebenzi mkhulu, ubanzi, sahlukene ogangeni, omunye ukude nomunye.

Esakhuluma lowo , kwafika nomunye , wathi: Umlilo kaNkulunkulu uwile ezulwini, washisa izimvu nezinceku , waziqeda; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.

Esakhuluma lowo , kwafika nomunye , wathi: AmaKaledi enza amaviyo amathathu, ahlasela amakamela , awathatha, azibulala izinceku ngosiko lwenkemba; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.

Esakhuluma lowo , kwafika nomunye , wathi: Amadodana akho namadodakazi akho ayedla, ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo;

Umuntu oswela ingqondo unikana nomunye izandla , abe yisibambiso phambi komakhelwane wakhe.

Bayashaqeka, babanjwa yiminjunju nobuhlungu , bazibinya njengababelethayo. Babhekana omunye nomunye bemangala . Ubuso babo bungubuso bamalangabi.

Kwakukhona nomunye umuntu owaprofetha egameni likaJehova, u-Uriya indodana kaShemaya waseKiriyathi Jeharimi ; waprofetha ngalo muzi nangaleli zwe njengawo onke amazwi kaJeremiya.

Izigqoko zenu ziyakuba semakhanda enu nezicathulo ezinyaweni zenu ; aniyikudabuka, ningakhali, kepha niyakonda ebubini benu , nibubulelane omunye nomunye.

Emva kwakho kuyakuvuka omunye umbuso omncane kunawe , nomunye umbuso wesithathu wethusi oyakubusa emhlabeni wonke.

Njengalokho wabona insimbi ixubene nebumba lodaka, bayakuzixubanisa nenzalo yabantu, kepha abayikunamathelana omunye nomunye , njengokuba insimbi ingahlangani nebumba.

Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma , nomunye ongcwele wathi kulowo owakhuluma: Uyakuba khona kuze kube nini lo mbono womnikelo oshiswa imihla yonke, nesiphambeko esichithayo sokuba kukhashelwe indlu engcwele nempi, kunyathelwe phansi, na?

Makungabikho ophikisana nomunye , asole omunye ; nokho abantu bakho bayakuphikisana nabapristi.

Abahlohlolozani omunye nomunye ; bahamba, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe; baziphonsa phakathi kwezikhali, abakhawuli.

neminqumo emibili eseceleni kwalo , omunye ungakwesokunene sembizana, nomunye ungakwesokhohlo sayo.

Khona abamesabayo uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye ; uJehova waqaphela , wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.

Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili , omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo.

Kepha kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya behlezi phambi kweliba.

Kepha ekupheleni kwesabatha ngovivi lolokuqala lweviki kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, beza ukuyobona iliba.

Futhi nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.

Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili , omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo sakhe.

Nomunye-ke wathi : Ngizakukulandela, Nkosi; kepha ngivumele ngiye kuqala ukuyovalelisa abasekhaya.

Babekhulumisana omunye nomunye ngazo zonke lezo zinto ezehlakeleyo.

Wathi kubo : Zindaba zini lezi enikhuluma ngazo omunye nomunye nihamba na? Base bema benyukumele.

USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayaziwa ngumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu;

Ngakho wayesephuma uPetru nomunye umfundi, beza ethuneni.

Ukhona yini umuntu kini, uma enendaba nomunye, onesibindi sokumangala kwabangalungile, kungabi kwabangcwele, na?

Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso , nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo,

kepha uma sihamba ekukhanyeni , njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye , negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.