Buyani, madodakazi ami , nihambe, ngokuba sengimdala ukuba ngibe nomyeni. Noma ngangithi nginethemba , noma ngingaba nendoda kulobu busuku, ngizale amadodana,
Futhi unina wamenzela ijazana , waliyisa kuye iminyaka ngeminyaka esenyuka nomyeni wakhe ukuyonikela ngomhlatshelo weminyaka yonke.
Umalokazana wakhe , umkaFinehasi, wayekhulelwe esezakubeletha ; esezwile umbiko wokuthi umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe nokuthi kufile uyisezala nomyeni wakhe , wakhonkobala, wabeletha, ngokuba wafikelwa yimihelo.
Wamqamba umntwana ngokuthi u -Ikabodi, ethi: Inkazimulo isukile kwa - Israyeli, ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe, nangenxa kayisezala wakhe nomyeni wakhe.