Skip to Content

"nonke"

107 occurrences in ZUL

Buthanani nina nonke , nizwe; ngubani phakathi kwabo omemezela lezi zinto na ? Amthandayo uJehova uyakuyifeza intando yakhe ngeBabele , nengalo yakhe iyakuba phezu kwamaKaledi.

Kepha nina maningabizwa ngokuthi Rabi ; ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalelwane.

Nasondela kimi nina nonke , nathi: M asithume amadoda phambi kwethu ukuba asihlolele izwe , asibuyisele izwi ngendlela esimelwe ukukhuphuk a ngayo, nangemizi esiyakufika kuyo.

Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi : UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle ; niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu , abantwana bakwa-Israyeli, nonke eningamadoda anesibindi.

Bonke abanami bayakhonza kuwe . Khonza kwabasithandayo ekukholweni. Umusa mawube nani nonke.

Kodwa nina enanamathela kuJehova uNkulunkulu wenu nisekhona nonke nanamuhla.

Omkenu, nabantwana benu , nezinkomo zenu bayakuhlala ezweni uMose aninika lona ngaphesheya kweJordani ; kepha nina niyakuwela phambi kwabafowenu nihlomile, nonke nina maqhawe anamandla, nibasize,

Wawayala ngokuthi : Bhekani, niyakuwuqamekela umuzi , emva komuzi , ningayi kude kakhulu nomuzi, nihlale nilungele nonke.

Bhekani nina bantwana bakwa -Israyeli, nina nonke ; qondisani, niluleke lapha.

USawule wathi: Sondelani lapha nina nonke zinhloko zabantu, nazi, nibone ukuthi bekuyisiphi lesi sono sanamuhla.

USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimi ngakuye : Yizwani nina bakwaBenjamini; indodana kaJese iyakuninika nonke amasimu nezivini , inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu,

ngokuba ningenzele nonke ugobe , akwababikho ongitshelileyo lapho indodana yami yenza isivumelwano nendodana kaJese , akwababikho kini ongidabukelayo nongitshelayo ukuthi indodana yami ingivusele inceku yami ukuba ingiqamekele njenganamuhla.

Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo , wathi: Asinasabelo kuDavide , asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.

wathi: Yizwani nina nonke bakwaJuda, nabakhileyo eJerusalema , nawe nkosi Jehoshafati : usho kanje kini uJehova , uthi: Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu , ngokuba impi ayisiyo eyenu , ngekaNkulunkulu.

Yizwani lokhu nina badala , nibeke indlebe nina nonke enihlezi ezweni . Kwake kwaba khona emihleni yenu noma emihleni yawobaba na?

Phaphamani, zidakwa, nikhale, nihhewule nonke eniphuza iwayin i ukuthi iwayini linqanyulelwe emlonyeni wenu.

Inhliziyo yami isicabangile , ngathethisana nabakhulu nababusi , ngathi kubo: Nina nonke nibiza inzalo omunye komunye . Ngase ngibiza ibandla elikhulu ngabo.

Kepha ningabaqambimanga; niyizinyanga ezingelutho nonke.

Ngizwile izinto eziningi ezinjalo; nina nonke ningabaduduzi ababi.

Nokho buyani nonke phela , nize; kodwa angiyikuthola phakathi kwenu ohlakaniphileyo.

Bhekani, nina nonke nikubonile; kungani ukuba nizenze ize na?

Dedani kimi nina nonke enenza okubi , ngokuba uJehova ulizwile izwi lokukhala kwami;

Nina enesaba uJehova, mbongeni; nina nonke nzalo kaJakobe , mdumiseni, nimesabe nina nonke nzalo ka-Israyeli.

Mthandeni uJehova nina nonke enimkhonzayo ; uJehova uyabalondoloza abakholekileyo, amphindisele kakhulu ozidlayo.

Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi, nina nonke enithemba uJehova.

Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo, nethabe nina nonke baqotho ngenhliziyo.

Yizwani lokhu nonke nina bantu ; bekani indlebe n ina nonke enakhileyo ezweni,

Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu ; ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.

Mina ngathi: Ningonkulunkulu nina, nonke ningamadodana oPhezukonke.

Mabajabhe bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo , abazigabisa ngezithombe. Mkhonzeni nina nonke bonkulunkulu.

Bhekani, nibonge uJ ehova nina nonke zinceku zikaJehov a enimi endlini kaJehova ebusuku.

Nonke nina enakhileyo ezweni nani nonke enihlezi emhlaben i bhekani, lapho ibhanela liphakanyiswa ezintabeni; zwanini, lapho icilongo libethwa.

Phendukelani kini, nisindiswe, nonke nina majukujuku omhlaba , ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.

Nonke nina zilwane zasendle, wozani nidle, nonke nina zilwane zasehlathini.

Bhekani nina nonke eniphemba umlilo , enibhinca izikhuni , manihambe ekukhanyeni komlilo wen u naphakathi kwezikhuni eniziphembileyo . Lokhu kuyakuba phezu kwenu kuvel a esandleni sami ; niyakulala phansi ngobuhlungu.

We nina nonke enomileyo , wozani emanzini ; nani eningenamal i wozani nithenge, nidle; wozani nithenge ngaphandle kwemali , yebo, iwayini nobisi, kungabizwa lutho.

ngiyakuninqumela inkemba , nikhothamele nonke ukuhlatshwa , ngokuba lapho nganibiza , aniphendulanga, nalapho ngakhu luma, anizwanga, kepha nenza okubi emehlweni ami, nakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.

Thokozani kanye neJerusalema , nilethabele nina nonke enilithandayo ; jabulani ngenjabulo kanye nalo nina nonke enilililelayo,

Niphikisanelani nami na? Niphambukile kimi nonke, usho uJehova.

Yima esangweni lendlu kaJehova , umemeze lapho leli zwi , uthi: Zwanini izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa m asango ukukhuleka kuJehova.

uthi kuwo : Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda , noJuda wonke, nani nonke enakhileyo eJerusalema eningena ngalawa masango;

Kepha yizwani manje izwi likaJehova nina nonke bathunjwa, enginithumile eBabele niphuma eJerusalema.

UJeremiya wathi futhi kubantu bonke nakubo bonke abesifazane : Yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enisezweni laseGibithe.

Ngalokho yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enihlala ezweni laseGibithe: Bhekani, ngifungile igama lami elikhulu , usho uJehova, Ukuthi igama lami alisayikubizwa mlomo wamuntu wakwaJuda ezweni lonke laseGibithe ukuthi: Kuphila kukaJehova.

Nina nonke enimzungezayo manimkhalele ; nani nonke enilaziyo igama lakhe anothi: Yeka ukwaphuka kwenduku enamandla, udondolo oluhle!

Zihleleleni iBabele nxazonk e nina nonke eninsala umnsalo , nicibishele kulo, ninganqandi imicibisholo, ngokuba lonile kuJehova.

Akulutho kinina nonke enidlul a ngendlela na ? Bhekani, nibone ukuba kukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo, uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenxa yokuba seningamanyela nonke, ngalokho bhekani, ngiyakunibuthela phakathi kweJerusalema.

Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlab a enisebenzile ukwahlulela kwakhe ; funani ukulunga ; funani ukuthobeka ; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.

Kepha qina manje , Zerubabele, usho uJehova , U be namandla , Joshuwa, ndodana kaJehosadaki , mpristi omkhulu , niqine nonke nina bantu bezwe , usho uJehova, nisebenze ngokuba nginani, usho uJehova Sebawoti.

Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo , mina ngizakuniphumuza.

Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: Phuzani nonke kuso;

Khona uJesu wathi kubo : Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe uk uthi: Ngiyakushaya umalusi , izimvu zomhlambi zihlakazeke ;

Khona wabuye wabiza isixuku, wathi kuso: Ngizweni nonke, niqonde.

UJesu wathi kubo : Nonke nizakukhubeka , ngokuba kulotshiwe ukuthi : Ngiyakushaya umalusi, izimvu zihlakazeke.

wathi kubo : Yilowo nalowo oyakwamukela lo mntwana ngegama lami uyangamukela mina , ongamukela mina uyamamukela ongit humileyo; ngokuba omncinyane kini nonke nguye omkhulu.

Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke.

Ngithi kini : Qha, kepha uma ningaphenduki , niyakubhubha ngokunjalo nonke.

Athi-ke: Ngithi kini: Anginazi lapho nivela khona; sukani kimi nina nonke, basebenzi bokungalungi.

UJesu waphendula , wathi kubo : Munye umsebenzi engiwenzile , niyamangala nonke.

UJesu wathi kuye: Ogeziweyo kadingi lutho, kuphela ukugezwa izinyawo, kepha ugezekile wonke. Nina-ke nigezekile, kodwa angisho nonke.

Ngokuba emazi obezakumkhaphela kungalokho athi: Anigezekile nonke.

Angikhulumi ngani nonke ; ngiyabazi engibakhethileyo ; kodwa nga kugcwaliseka umbhalo othi : Odla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.

Wayesesukuma uPetru nabayishumi nanye , waphakamisa izwi lakhe, waphumisela wathi kubo : Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami.

Ngokukholwa egameni layo lo enimbonayo nenimaziyo iga ma layo lamenza aqine , nokukholwa okungayo kumnike le mpilo phambi kwenu nonke.

makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa -Israyeli ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni , amvusayo uNkulunkulu kwabafileyo, ngaye umi lo muntu phambi kwenu esindile.

Kalokhu bhekani , ngiyazi ukuthi anisayikubona ubuso bami nina nonke engahamba phakathi kwenu, ngishumayela umbuso.

Ngakho lindani, nikhumbule ukuthi ngeminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngabanye ngezinyembezi.

Mina ngiyindoda engumJuda , ngazalwa eTarsu laseKhilikhiya , kodwa ngakhulela kulo muzi, ngafundiswa ngasezinyaweni zikaGamaliyeli ngesineke ngomthetho wawobaba, ngashisekela uNkulunkulu njengokuba nonke ninjalo namuhla;

UFestu wathi : Nkosi, Agripha, nani nonke nina madoda enikhona lapha kanye nathi , niyambona lona oluze ngaye kimi lonke uquqaba lwabaJuda eJerusalema nalapha, lumemeza luthi akafanele ukuba abe esaphila.

Kuqala-ke ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Kristu ngani nonke , ngokuba ukukholwa kwenu kunconywa ezweni lonke.

nokuthi: Dumisani iNkosi nina nonke bezizwe , niyibabaze, nina bantu bonke.

UNkulunkulu wokuthula makabe nani nonke. Amen.

Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen.

Kepha ngiyanincenga , bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.

Nokho bengithanda ukuba nikhulume ngezilimi nonke , kepha kakhulu ukuba niprofethe; mkhulu kodwa oprofethayo kunokhuluma ngezilimi , uma engahumushi, ukuze ibandla lakheke.

Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngikhuluma ngezilimi kakhulu kunani nonke;

Ngokuba ningaprofetha nonke abanye ngabanye , ukuze bafunde bonke , balulekwe bonke;

Uthando lwami alube nani nonke kuKristu Jesu.

Ngakuloba khona lokho , funa kuthi ekufikeni kwami ngithole ukudabuka ngalabo ebengifanele ukuthokoza ngabo , nginethemba ngani nonke ukuthi okwami ukuthokoza kungokwenu nonke.

Kepha uma kukhona odabukisileyo, akangidabukisanga mina, kodwa, ukuze ngingeqisi, ngokwenxenye unidabukisile nonke.

Ngalokho siduduz ekile. Nasekududuzekeni kwethu sathokoza impela , ikakhulu ngokuthokoza kukaThithu , ngokuba umoya wakhe uhlunyelelwe yinina nonke;

Yebo, isihe sakhe sivamile kakhulu ngakini , lapho ekhumbula ukulalela kwenu nonke ukuthi namamukela ngokwesaba nangokuthuthumela.

Umusa weNkosi uJesu Kristu , nothando lukaNkulunkulu , nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.

Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu.

Ngokuba nonke enabhapathizelwa kuKristu nembatha uKristu.

Akakho umJuda nomGreki , akakho oboshiweyo nokhululekileyo , akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.

Nahlukene noKristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho ; niwile emseni.

ngezikhathi z onke ekunxuseni kwami konke ngani nonke , nginxusa ngokuthokoza,

njengalokhu kufanele ukuba ngibe nomqondo onjalo ngani nonke , njengokuba nginithwele enhliziyweni yami , lokhu ekuboshweni kwami nasekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli nina nonke nihlanganyele nami emseni.

Ngokuba uNkulunkulu ungufakaz i wami wokuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngesihe sikaJesu Kristu.

Lokhu nginalo leli themba , ngiyazi ukuthi ngiyakuhlala , yebo, ngihlale nani nonke, kube ngukuqhubeka nokuthokoza kwenu ekukholweni,

Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke;

lokhu wayenilangazelela nonke, eyaluza ngokuba nizwile ukuthi wayegula.

Sibonga uNkulunkulu njalo ngani nonke, siniphatha emikhulekweni yethu,

ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya , ningabantwana bemini. Asisibo abobusuku noma abobumnyama;

Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane , njengokuba kufanele, ngokuba inkolo yenu iyanda kakhulu , nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula,

Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke. Isigcino

Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke.

Umusa mawube nani nonke. Amen.

Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke , nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka,

Ngokunjalo, nina basha , thobelani amalunga ; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.

Bingelelanani ngokwanga kothando . Ukuthula makube kini nonke enikuKristu.

Nina ninokugcotshwa okuvela koNgcwele, niyazi nonke.

Kodwa ngithi kinina eniseleyo eThiyathira, nonke eningenaso lesi sifundiso, eningakwaziyo okujulile yo kukaSathane njengabakushoyo: Kangiphonsi phezu kwenu omunye umthwalo;

Kwase kuphuma izwi esihlalweni sobukhosi , lithi: Dumisani uNkulunkulu wethu nonke nina zinceku zakhe, nina enimesabayo, abancane nabakhulu.

Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen.