Bizani abacibishelayo , balwe neBabele , bonke abansala umnsalo , nimise nxazonke zalo, lingabi nophunyukayo, niliphindisele njengezenzo zalo, nenze kulo njengakho konke elikwenzileyo, ngokuba lizikhukhumezile kuJehova , oNgcwele ka-Israyeli.
Ngayibona iNkosi imi ngase -altare, yathi: Shaya izihloko zezinsika , ukuze imigulugulu izamazame , uzaphule phezu kwamakhanda abo bonke ; abaseleyo babo ngiyakubabulala ngenkemba; obalekayo kubo akayikubaleka, nophunyukayo kubo akayikuphunyuka.