Amadodana kaHebroni: ngoKora, noTaphuwa, noRekemi, noShema.
noBeriya, noShema, ababe yizinhloko zezindlu zawoyise zabakhe e -Ajaloni, abaxosha abakhe eGati;
U-Ezra umbhali wayemi ebhesitulu lamapulangwe ababelenzele lo mgomo ; eceleni kwakhe kwakumi oMatithiya , noShema, no-Anaya, no-Uriya, noHilikiya, noMahaseya ngakwesokunene sakhe , nangakwesokhohlo sakhe ngoPhedaya, noMishayeli, noMalikhiya, noHashumi, noHashibadana, noZakariya, noMeshulamu.