Ngalokho-ke ngithumele kini uThimothewu ongumntanami othandekayo nothembekayo eNkosini , oyakunikhumbuza ngokuhamba kwami okukuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke.
Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke , ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu , kube yinhlawulo yezono zabantu.