Skip to Content

"ntaba"

24 occurrences in ZUL

Amanzi andisisa impela emhlabeni ; zasitshekelwa zonke izi ntaba eziphakemeyo eziphansi kwezulu lonke.

Wathi: Ngizakuba nawe ngempela ; lokhu kuyakuba luphawu kuwe ukuthi ngikuthumile; nxa ukhiphile isizwe eGibithe , niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.

Akuyikukhuphuka muntu nawe, kungabonakali muntu entabeni yonke, futhi kungaklabi zimvu nazinkomo ngaphambi kwaleyo ntaba.

Ayesehla ama -Amaleki kanye namaKhanani ayehlala kuleyo ntaba , abashaya, abaqothula kwaze kwaba seHorma.

UJehova uNkulunkulu wethu wakhuluma kithi eHorebe , wathi: Sekuyisikhathi eside nihlale kule ntaba;

Ama-Amori ayehlala kuleyo ntaba aphuma anihlasela , anixosha njengokwenza kwezinyosi, aninqoba eSeyiri, kwaze kwaba seHorma.

Sekuyisikhathi niyizungeza le ntaba; phendukani, niye ngasenyakatho.

Ake ngiwele, ngilibone izwe elihle elingaphesheya kweJordani , leyo ntaba enhle, neLebanoni.

ufele kuleyo ntaba okhuphukela kuyo , ubuthelwe kubantu bakini , njengalokho u -Aroni umfowenu wafela entabeni yaseHori , wabuthelwa kubantu bakubo,

Ngalokho nginike manje le ntaba uJehova akhuluma ngayo ngalolo suku , ngokuba wezwa wena ngalolo suku ukuthi ama -Anaki ayelapho enemizi emikhulu ebiyelweyo ; mhlawumbe uJehova uyakuba nami , ngiwaxoshe njengokukhuluma kukaJehova.

Ungubani wena ntaba enkulu ? Phambi kukaZerubabele uyakuba yithafa ; uyakukhipha itshe eliyinhloko ngokumemeza ukuthi: Umusa, mawube kulo!

Ngokuba kule ntaba isandla sikaJehova siyakuphumula, noMowabi uyakunyathelwa phansi endaweni yakhe njengotshani bunyathelwa emgodini womquba.

UJehova Sebawoti uyakwenzela abantu bonk e idili lokukhulupheleyo kule ntaba, idili lewayini elinenhlese, okukhulupheleyo okunomnkantsha, iwayini elinenhlese elicwengekileyo.

Uyakuchitha kule ntaba ingaphandl e lesimbozo esimboza abantu bonke , nomgubuzelo ogubuzela zonke izizwe.

Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bayakubuye basho leli zwi ezweni lakwaJuda nasemizini yalo , lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabo, lokuthi: UJehova makakubuyise wena khaya lokulunga , ntaba yobungcwele.

Bheka, ngimelene nawe ntaba echithayo , usho uJehova , wena ochitha wonke umhlaba ; ngiyakwelulela isandla sami kuwe , ngikugingqe emadwaleni, ngikwenze intaba eshisiweyo.

uthi kuyo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngimelene nawe ntaba yaseSeyiri; ngiyakwelulela kuwe isandla sami , ngikwenze incithakalo nokuyize.

Njengokuthokoza kwakho ngefa lendlu yakwa -Israyeli, ngokuba ibiyincithakalo, kanjalo ngiyakwenza kuwe : uyakuba yincithakal o, ntaba yaseSeyiri, naye wonke u -Edomi, yebo, wonke wakhe , bazi ukuthi nginguJehova.

Wayesethi kubo : Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane . Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: Suka lapha, uye laphaya, iyakusuka; akukho okuyakunahlula.

UJesu wayesephendula , ethi kubo : Ngiqinisile ngithi kini : Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela , kodwa noma nithi kule ntaba: Nqukuleka, uphonseke elwandle, kuyakwenzeka;

Kepha abafundi abayishumi nanye baya eGalile kuleyo ntaba uJesu ayebayalele yona;

Ngiqinisile ngithi kini : Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba : Nqukuleka, uphonseke elwandle, engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho.

Okhokho bethu babekhulekela kule ntaba ; nina-ke nithi iseJerusalema indawo lapho kufanele kukhulekelwe khona.

UJesu wathi kuye : Sifazane, kholwa yimi , isikhathi siyeza , lapho ningasayikukhuleka kuBaba nakule ntaba naseJerusalema.