Lowo muntu weny uka emzini wakhe iminyaka ngeminyaka ukukhonza nokuhlabela uJehova Sebawoti eShilo . Kwakukhona lapho amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, bengabapristi bakaJehova.
Lokhu kuyakuba yisiboniso kuwe esiyakwehlela amadodana akho amabili, oHofini noFinehasi; ngalusuku lunye bayakufa bobabili.
Abantu base bethumela eShilo , bathatha khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova Sebawoti ohlezi phezu kwamakherubi ; amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi , ayelapho nomphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.
Umphongolo kaNkulunkulu wathathwa ; amadodana omabili ka -Eli, oHofini noFinehasi, abulawa.
Owaletha umbiko waphendula wathi : U-Israyeli ubalekile phambi kwamaFilisti; kwakukhona ukubulawa okukhulu phakathi kwabantu ; amadodana akho omabili oHofini noFinehasi afile , nomphongolo kaNkulunkulu uthathiwe. Ukufa kuka-Eli. U-Ikabodi