"okhalweni"
24 occurrences in ZUL
UNkulunkulu wathi kuye: NginguNkulunkulu uSomandla ; mawuzale, wande; isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe ; amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;
UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe , wafaka indwangu yamasaka okhalweni lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.
Bonke abantu abeza noJakobe eGibithe abaphuma okhalweni lwakhe , ngaphandle kwabafazi bamadodana kaJakobe , bonke abantu babe ngamashumi ayisithupha nesithupha.
Bonke abantu abaphuma okhalweni lukaJakobe babe ngabantu abangamashumi ayisikhombisa; uJosefa wayeseGibithe.
Ubenzele namabhulukwe elineni ukuba kusitshekelwe inyama yobunqunu babo, aqale okhalweni, afike emathangeni;
UGideyoni wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa aphuma okhalweni lwakhe, ngokuba wayenabafazi abaningi.
Besesetsheni elikhulu eliseGibeyoni , u-Amasa wafika ukubahlangabeza . UJowabe wayebhince isambatho sakhe sokulwa ayelokhu esigqoka; kusona lalikhona ibhande elinenkemba emgodleni wayo elaligaxwe okhalweni lwakhe; yawa esehamba.
kepha wena awuyikuyakha indlu , kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho yiyona eyakwakhela igama lami indlu.
Zathi kuye : Umuntu wayenengubo yoboya, ebhince ibhande lesikhumba okhalweni lwakhe. Wathi: Bekungu-Eliya waseThishibi.
kepha wena awuyikwakha indlu , kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho, yiyona eyakwakhela igama lami indlu.
Onke aphethe i zinkemba, afundile ukulwa ; yilowo nalowo muntu unenkemba yakhe okhalweni lwakhe ngokwesaba ebusuku.
ngaleso sikhathi uJehova wakhuluma ngesandla sika -Isaya indodana ka - Amose, wathi: Hamba uthukulule indwangu yamasaka okhalweni lwakho , ukhumule izicathulo zakho ezinyaweni zakho . Wenze njalo , wahamba ze , akafakanga nazicathulo.
Ngokuba njengalokhu ibhande linamathela okhalweni lomuntu , kanjalo ngiyinamathelisile kimi yonke indlu yakwa -Israyeli nayo yonke indlu yakwaJuda, usho uJehova , U kuba babe ngabantu bami , negama, nodumo, nendumiso, kepha kabalalelanga. Izimvaba ezaphukileyo
Ngase ngibona , bheka, kwakunjengokubonakala komlilo ; kusukela kokungathi ukhalo kuya phansi kwakungumlilo , kusukela okhalweni kuya phezulu kwakunjengokukhazimula nanjengethusi elimenyezelayo.
ebhince amabhande okhalweni lwawo , enemishuqulo ebanzi emakhanda , onke ebonakala njengezikhulu ngokwesimo sabaseBabele aba bezelwe ezweni laseKalideya.
Bayakuba nezigqoko zelineni emakhanda abo , babe namabhulukwe elineni okhalweni lwabo, bangabhinci okujulukisayo.
Wabuye walinganisa inkulungwane , wangidabulisa emanzini , amanzi efinyelela emadolweni . Walinganisa futhi inkulungwane , wangidabulisa, amanzi efinyelela okhalweni.
ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu embethe ilineni, ebhince okhalweni igolide elicwengekileyo lase-Ufazi.
Yena uJohane wayenengubo yoboya bekamela noqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; ukudla kwakhe kwakuyizinkumbi nezinyosi zasendle.