Skip to Content

"okhona"

11 occurrences in ZUL

Wayesethi: Bheka, ngiyenza isivumelwano; phambi kwabantu bonke bakho ngiyakuzenza izimangaliso ezingazange zenziwe emhlabeni wonke nakusiphi isizwe; bonke abantu okhona phakathi kwabo bayakuwubona umsebenzi kaJehova, ngokuba kuyesabeka lokhu engikwenza kuwe.

Uyakuhlala kulowo muzi aze eme phambi kwenhlangano ukuba kuthet hwe icala, kuze kufe umpristi omkhulu okhona ngalezo zinsuku , andukuba umbulali abuye, afike kowakhe umuzi, nakweyakhe indlu, yebo, kulowo muzi abaleka kuwo.

UNkulunkulu uzakuzwa, abaphendule, yena okhona kwaphakade . Sela Yibona kambe okungekho kubo ukuphenduk a, nabangamesabiyo uNkulunkulu.

Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba akukho muntu okhona olungile emehlweni akho.

okhona ngakwesokunene sikaNkulunkulu esenyukele ezulwini , sekubekwe phansi kwakhe izingelosi, negunya, namandla.

Ngilobela nina boyise , ngokuba niyamazi yena okhona kwasekuqaleni. Ngilobela nina zinsizwa, ngokuba nimnqobile omubi.

Nginilobele, bantwanyana, ngokuba niyamazi uYise . Nginilobele, boyise, ngokuba niyamazi yena okhona kwasekuqaleni. Nginilobele, zinsizwa, ngokuba ninamandla, izwi likaNkulunkulu lihlala kini, nimnqobile omubi. Isixwayiso sokungathandi izwe

UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase -Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo , nakoMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi,

Mina ngingu -Alfa no -Omega, kusho iNkosi uNkulunkulu , okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke. UJesu uyazibonakalisa kuJohane esesiqhingini sasePhatmose; uyamyala ukuloba lesi sambulo

ethi: Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu , Mninimandla onke , okhona nowawukhona, ngokuba uthabathe amandla akho amakhulu, wabusa;

Ngezwa ingelosi yamanzi ithi : Ulungile wena okhona nowawukhona , oNgcwele, ngokuba wakunquma lokho,