Skip to Content

"oki"

24 occurrences in ZUL

Bamnika-ke uJakobe izithixo zonke zabezizwe ezazisezandleni zabo , namacici ayesezindlebeni zabo ; uJakobe wakuthukusa phansi kwe -oki elalingaseShekemi.

UDebora umzanyana kaRebeka wafa , wembelwa ngenzansi neBethele phansi kwe-oki; igama lalo labizwa ngokuthi i-Alonibakuti. Ukuzalwa kukaBenjamini nokufa kukaRaheli

Yebo, bayakuba namahloni ngama -oki enawanxanelayo , niyangaze ngamasimu enawakhethayo.

Ngokuba niyakuba njenge -oki elimaqabunga alo abunile , nanjengensimu engenamanzi.

naphezu kwayo yonke imisedari yaseLebanoni , emide nephakemeyo , naphezu kwawo onke ama-oki aseBashani,

Angithi zipheshe ya kweJordani ngalaphaya kwendlela yasentshonalanga ezweni lamaKhanani ahlala e -Araba, malungana neGiligali ngaseceleni kwama-oki aseMore na?

Umkhawulo wabo wasuka eHelefi , kulo i-oki laseSahananimi, nase-Adami Nekebi, naseJabineyeli, waze wafika eLakumi ; ukuphuma kwawo kwakungaseJordani;

UJoshuwa waloba lawo mazwi encwadini yomthetho kaNkulunkulu , wathatha itshe elikhulu , walimisa lapho phansi kwe -oki elingasendlini engcwele kaJehova.

Kwafika ingelosi kaJehova , yahlala phansi kwe -oki lase -Ofira likaJowashi umAbiyezeri; indodana yakhe uGideyoni yayibhula ukolweni esikhamweni sewayini ukuba amthukusele abakwaMidiyani.

UGideyoni wangena , walungisa izinyane lembuzi namaqebelengwane angenamvubelo e -efa lempuphu ; wayibeka inyama eqomeni , wawuthela umhluzi ekhanzini, wakukhiphela kuye phansi kwe-oki, wakunikela.

UGali wabuye wakhuluma, wathi: Bheka, kwehla abantu eNkabeni yezwe , esinye isigaba sifika ngendlela ye-oki lokuhlola imihlola.

Nxa usukile khona uye phambili , uyakufika kulo i -oki laseThabori ; kuyakuhlangana nawe khona abantu abathathu bekhuphukela kuNkulunkulu eBethele, omunye ephethe amazinyane amathathu ezimbuzi, omunye ephethe izinkwa ezintathu, omunye ephethe imvaba yewayini;

U-Abisalomu wasuka wahlangana nezinceku zikaDavide . U-Abisalomu wayekhwele umnyuzi wakhe , umnyuzi wangena phansi kwehlozi le -oki, ikhanda lakhe labambelela e -okini, waphakanyiselwa emkhathini wezulu nomhlaba; umnyuzi obuphansi kwakhe wadlula.

Wayesethi uJowabe : Anginakulibala kanje nawe . Wathatha imikhonto emithathu ngesandla sakhe, wambhokoda u-Abisalomu enhliziyweni esezwa, ephakathi kwe-oki.

Wamlandela lowo muntu kaNkulunkulu , wamfumana ehlezi phansi kwe - oki; wathi kuye: Wena ungumuntu kaNkulunkulu lowo owavela kwaJuda na? Wathi: Nginguye.

kwasuka onke amadoda anamandla , asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe , aziletha eJabeshi, awembela amathambo abo phansi kwe-oki eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.

Yebo, noma kusekhona inxenye yeshumi kulo , yona iyakubuye ishiswe njengomtherebinte ne-oki okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona; inzalo engcwele iyisiqu sakho.

Uyazigawulela imisedari, athathe imikhoba nama -oki, awaqinise phakathi kwemithi yehlathi; uyatshala umfire, imvula iwukhulise.

nina enisha phakathi kwama -oki phansi kwayo yonke imithi eluhlaza , enibulala abantwana ezigodini phansi emifantwini yamadwala, na?

Niyakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ababuleweyo babo beyakuba phakathi kwezithombe zabo nxa zonke zama-altare abo kuwo onke amagquma aphakemeyo, nakuzo zonke iziqongo zezintaba , naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, naphansi kwawo onke ama -oki adumbileyo, izindawo lapho bebenikela khona ngephunga elimnandi kuzo zonke izithombe zabo.

Ngama-oki aseBashani benzile amaphini akho ; indeki yakho bayenzile ngophondo lwendlovu , lufakelwe emthini womkhoba ovela eziqhingini zaseKitimi.

Bayahlabela eziqongweni zezintaba, bashisa impepho emagqumeni, phansi kwama-oki nemipopula nemitherebinte , ngokuba umthunzi wakho muhle ; kungalokho amadodakazi enu ayafeba, nawomakoti benu bayaphinga.

Nokho mina ngachitha ama -Amori ebusweni babo , akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwe misedari, ayenamandla njengama -oki; kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulu nezimpande zawo phansi.

Hhewula, msayipuresi, ngokuba umsedari uyawa , ngokuba emihle iyachithwa; hhewulani nina ma -oki aseBashani , ngokuba ihlathi elingenakudatshulwa liyawa.