Wathi uSolomoni : Uma eyakuba yindoda enamandla , akuyikuwela emhlabathini nolulodwa unwele lwakhe , kepha uma okub i kufumaniseka kuye, uyakufa.
Ungangimukisi kanye nababi nabenza okub i abakhuluma ukuthula nabakhelwane babo, kanti kukhona okubi ezinhliziyweni zabo.
Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okub i ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.
Ngalokho indlela yabo iyakuba yizindawo ezibushelelezi; bayakusunduzwa ebumnyameni, bawe kubo , ngokuba ngiyakubehlisela okub i ngomnyaka wokuhanjelwa kwabo, usho uJehova.