ULabani waphendula, wathi kuJakobe: Amadodakazi angamadodakazi ami, abantwana bangabantwana bami , imihlambi iyimihlambi yami ; konke okubonayo kungokwami ; lawa madodakazi ami ngingawenzela ntoni namuhla, nabantwana bawo abazalileyo, na?
Lo muntu wathi kimi : Ndodana yomuntu , bheka ngamehlo akho , uzwe ngezindlebe zakho , ubeke inhliziyo yakho kukho konke engiyakukubonisa khona, ngokuba ulethiwe ukuba ngikubonise ; yitshele indlu yakwa -Israyeli konke okubonayo.
lithi: Lokhu okubonayo kulobe encwadini , ukuthumele kuwo amabandla ayisikhombisa, e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.