Skip to Content

"okububende"

4 occurrences in ZUL

Inkosi yamemeza ngamandla ukuba kulethwe abathwebulayo , namaKaledi, nabahlola imihlola . Yayisikhuluma inkosi , yathi kwabahlakaniphileyo baseBabele: Ongafunda lo mbhalo , angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okububende , abe nomgexo wegolide entanyeni yakhe , abuse engowesithathu embusweni.

Kepha ngizwe ngawe ukuthi ungaveza izincazelo , uthukulule amafindo ; manje-ke uma ungafunda lo mbhalo , ungazise incazelo yawo , uyakwembathiswa okububende , ube nomgexo wegolide entanyeni yakho , ubuse ube ngowesithathu embusweni.

Khona uBelishasari wayaleza , bamembathisa u Daniyeli okububende , bafaka umgexo wegolide entanyeni yakhe , benza isimemezelo ngaye ukuthi ubeyakubusa engowesithathu embusweni.

Nowesifazane wayembethe okububende nokubomvu , evunule ngegolide nangamatshe anenani nangamaparele , ephethe isitsha segolide ngesandla sakhe, sigcwele amanyala nokungcolileyo kobufebe bakhe,