Wayesethi kubo: Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.
baguqule iqiniso likaNkulunkulu , balenza amanga ; bahlonipha, bakhonza okudaliweyo kunoMdali ongobongekayo kuze kube phakade. Amen.
Ngokuba okudaliweyo kwabekwa phansi kobuze , kungengentando yakho kodwa ngaye owakubekayo,
ethembeni lokuthi nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.
Ngokuba siyazi ukuthi konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye kunezinseka kuze kube manje;
uma kambe nihlala ekukholweni , nisekeliwe nigxilile , ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo , elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Pawulu. UPawulu uthokozela ukubasebenzela nokubalwela
Nakho konke okudaliweyo okusezulwini , nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho , ngakuzwa kuthi : Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhos i nakulo iWundlu makube yisibusiso, nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.