UMose wabathuma empini , kwaba yinkulung wane kuleso naleso sizwe , bona noFinehasi indodana ka -Eleyazare umpristi, baye naye empini ephethe impahla yendlu engcwele namacilongo okuhlaba umkhosi esandleni sakhe.
Futhi bhekani , uNkulunkulu unathi , uyinhloko yethu , kanye nabapristi abaphethe amacilongo okuhlaba umkhosi ukuba bawakhalise ngani ; bantwana bakwa -Israyeli, ningalwi noJehova uNkulunkulu wawoyihlo , ngokuba aniyikuphumelela.