Abamba izikhulu ezimbili zakwaMidiyani , o-Orebi noZebi , ambulala u - Orebi ngasedwaleni lika-Orebi, noZebi bambulala ngasesikhamweni sewayini sikaZebi, abaxosha abakwaMidiyani ; aletha ikhanda lika -Orebi nelikaZebi kuGideyoni phesheya kweJordani.
UNkulunkulu unikele esandleni senu izikhulu zakwaMidiyani, o-Orebi noZebi; mina benginamandla okwenzani , uma kulinganiswa nokwenu , na? Kwase kubohla ukuthukuthela kwabo ngaye, eseshilo lokho. ISukoti nePhenuweli
Amakhosana abo wenze abe njen go-Orebi noZebi, nabakhulu babo bonke njengoZeba noSalimuna
UJehova Sebawoti uyakulivusela isiswebh u njengasekubulaweni kwabakwaMidiyani ngasedwaleni lika-Orebi, nentonga yakhe iyakuba phezu kolwandle, ayiphakamise ngendlela yaseGibithe.