"orinani"
11 occurrences in ZUL
UNkulunkulu wathuma ingelosi eJerusalema ukulichitha ; kwathi lapho isalichitha, uJehova wabuka , wazisola ngalobo bubi , wathi engelosini echithayo: Sekwanele; buyisa isandla sakho . Ingelosi kaJehova yayimi ngasesibuyeni sika-Orinani umJebusi.
UDavide wathi kuNkulunkulu : Akusimi yini owaya leza ukuba abantu babalwe na ? Yimina engonileyo ; ngenze kabi kakhulu, kepha lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho, Jehova Nkulunkulu wami , masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa , singabi phezu kwabantu bakho ukubashaya ngesifo. I-altare elisesibuyeni sika-Orinani
Ingelosi kaJehova yamyala uGadi ukusho kuDavide ukuba uDavide enyuke, amisele uJehova i-altare esibuyeni sika-Orinani umJebusi.
U-Orinani waphenduka , wayibona ingelosi ; amadodana akhe amane ayenaye acasha. U-Orinani wayebhula ukolweni.
UDavide esefika ku -Orinani, u-Orinani wabuka , wambona uDavide , waphuma esibuyeni, wakhothamela uDavide, ubuso bakhe bubheke phansi.
UDavide wathi ku -Orinani: Nginike indawo yalesi sibuya ukub a ngakhele uJehova i-altare kuyo: uyakunginika yona ngemali epheleleyo ukuba lesi sifo sinqamuke kubantu.
U-Orinani wathi kuDavide : Zithathele yona; inkosi yami, inkosi, mayenze okuhle emehlweni ayo ; bheka, ngiyakupha izinkabi zibe ngezeminikelo yokushiswa, nezibhulo zibe yizinkuni , nokolweni abe ngumnikelo wempuphu; ngikunika konke.
Inkosi uDavide yathi ku -Orinani: Qha, ngiyakukuthenga nokukuthenga ngemali epheleleyo , ngokuba angizukumthathela uJehova okungokwakho , nginikele ngomnikelo wokushiswa ngengikuthole ngeze.