Kwathi edlula ngaselwandle lwaseGalile , wabona oSimoni no -Andreya umfowabo kaSimoni bephonsa inetha elwandle, ngokuba babe ngabadobi.
kwakukhona ndawonye oSimoni Petru , noTomase othiwa uDidimu , noNathanayeli waseKhana laseGalile , nabakaZebedewu, nabanye ababili kubafundi bakhe.