Ekusukeni kwetabernakele amaLevi ayakulisusa , ekumisweni kwalo amaLevi alimise; umfokazi osondelayo uyakubulawa.
Uyakumisa u -Aroni namadodana akhe , bagcine ubupristi babo ; umfokazi osondelayo uyakubulawa.
Labo ab amisa phambi kwetabernakele ngasempumalanga , ngaphambi kwetende lokuhlangana ngasekuphumeni kwelanga , bayakuba ngoMose no - Aroni namadodana akhe, begcina inkonzo yendlu engcwele, begcina imfanelo yabantwana bakwa-Israyeli; umfokazi osondelayo uyakubulawa.
Wena namadodana akho kanye nawe niyakugcina ubupristi kukho konke okwe-altare, nakukho konke okuphakathi kwesihenqo ; niyakukhonza; ngiyaninika ubupristi njengenkonzo yesipho ; umfokazi osondelayo wobulawa.