Ngabadonsa ngezintambo zomuntu , ngamagoda othando ; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngagobela kubo, ngabanika ukudla.
Yilabo abayizisihla emadilini enu othando bedla nani , bengesabi, baziklabisa; bangamafu angenamanzi , aqhutshwa yimimoya ; bayimithi yasebusika engenazithelo, efe kabili, isishuliwe;