Umuhle, umnandi kangakanani wena othandwa ngenjabulo!
Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wam i ukuthi w aluselaphi, uphumuzaphi umhlambi emini , ngokuba yini ukuba ngibe njengowesifazane odukileyo ngasemihlambini yabangane bakho na? Abangane:
Ebusuku embhedeni wam i ngamfuna othandwa ngumphefumulo wami ; ngamfuna, kepha angimtholanga.
Ngiyakuvuka, ngihambahambe emzini , ezitaladini nasezigcawini ; ngiyakufuna othandwa ngumphefumulo wami ; ngamfuna, kepha angimtholanga.
Abalindi bangifuman a behambahamba emzini : Nimbonile othandwa ngumphefumulo wami na?
Ngangidlule kancane nje kubo; ngase ngimthola othandwa ngumphefumulo wami; ngambamba, angivumanga ukuba ahambe, ngaze ngamngenisa endlini kamame nasekamelweni lowangikhulisayo.
UJehova wathi kimi : Hamba futhi , umthande owesifazane othandwa ngumngane wakhe, eyisiphingikazi, njengalokhu uJehova ethanda abantwana bakwa-Israyeli, noma bephendukela kwabanye onkulunkulu , bethanda izigaxa zezithelo zomvini ezomileyo.