Skip to Content

"othembekileyo"

13 occurrences in ZUL

Yeka umuzi othembekileyo waphenduka , waba yisifebe , wena owawugcwele ukwahlulela ! Ukulunga kwakuhlezi khona , kepha manje ababulali.

ngibuyisele abahluleli bakho nje ngakuqala, nabeluleki bakho njengasekuqaleni, andukuba ubizwe ngokuthi uMuzi Wokulunga , uMuzi Othembekileyo.

Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,

NgoLevi wathi : AmaThumimi nama -Urimi akh o akuye othembekileyo wakho, owamvivinya eMasa, owaphikisana naye ngasemanzini aseMeriba,

Ngiyakuzivusela ump risti othembekileyo oyakwenza njengokusenhliziyweni yami nasengqondweni yami ; ngiyakumakhela indlu eqinileyo; uyakuhamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade.

Umuntu othembekileyo uyakuvama izibusiso , kepha oshesha ukuceba akayikuyekwa.

ngayaleza u Hanani umfowethu noHananiya induna yendlu yenkosi ukuba baphathe iJerusalema, ngokuba wayengumuntu othembekileyo , wamesaba uNkulunkulu kunabaningi.

Iyakuma phakade n jengenyanga nanjengofakazi othembekileyo osemafwini. Sela

Abantu abaningi bayamemezela , kube yilowo nalowo umusa wakhe , kepha ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?

U-Efrayimi ungizungezile ngamanga , nendlu yakwa -Israyeli ngenkohliso ; uJuda usazulazula kuNkulunkulu nakoNgcwele othembekileyo.

Yayisithi iNkosi : Ngumuphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo , inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho?

Khonzani ku -Aphele, othembekileyo kuKristu . Khonzani kwabakwa- Arisitobulu.

Ngase ngibona izulu livulekile ; bheka, nanto ihhash i elimhlophe nohlezi phezu kwalo obizwa ngokuthi oThembekileyo noQinisileyo ; uyahlulela, alwe ngokulunga.