Skip to Content

"othulini"

32 occurrences in ZUL

Yehla, uhlale othulini wena ntombi , ndodakazi yaseBabele , uhlale emhlabathini, kungekho sihlalo sobukhosi , wena ndodakazi yamaKaledi, ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambile nokuthi uyatetema.

Makabeke umlomo wakhe othulini; mhlawumbe kungaba khona ithemba.

Bayakuphela indlala , baqedwe ngukushisa komzimba , nayisifo esibuhlungu, ngibathumele amazinyo ezilwane , kanye nesihlungu sezikhasayo othulini.

Uyamvusa ompofu othulini , uyaphakamisa impabanga ezaleni , abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi , ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova; ubekile izwe phezu kwazo.

Njengokuba ngakuphakamisa othulini, ngakubeka umbusi wabantu bami u- Israyeli, kepha uhambe endleleni kaJerobowamu , wonisa abantu bami u - Israyeli ukuba bangicunule ngezono zabo,

Konke kuya endaweni inye ; konke kuvela othulini , konke kubuyela othulini.

Ngokuba usizi aluveli othulini, nokuhlupheka akuphumi emhlabathini,

Awuthetheleli ngani isiphambeko sami , ususe isono sami , na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini; uyakungifunisisa, kepha angiyikubakho.

Bheka, injalo indlela yokuthokoza kwakhe; kuyakuvela abanye othulini.

Ake ukhumbule ukuthi ungenzile njengebumba ; pho, uyakungibuyisela othulini na?

Noma impande yawo iguga emhlabathini, nesiphunzi sawo sifela othulini,

Ngithungile indwangu yamasaka phezu kwesikhumba sami . ngingcolisile uphondo lwami othulini.

Liyakwehlela emigoqweni yendawo yabafileyo , lapho kuyakuba khona ukuphumula othulini kanyekanye.

Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami ukhona ; ekupheleni uyakuma othulini.

Amathambo akhe agcwele ubusha , kepha buyak ulala phansi kanye naye othulini.

Balala phansi othulini kanyekanye; izimpethu ziyabasibekela.

ubeke igolide lakho othulini, nelase-Ofiri phakathi kwamatshe eminonjana.

inyama yonke ibiyakufa kanyekanye, umuntu abuyele othulini.

Ngokuba iyashiya amaqanda ayo emhlabathini, iwafudumeze othulini.

Bafihle othulini kanyekanye, ubophe ubuso babo endaweni ethukusiweyo.

Ngalokho ngiyazinenga, ngizisole othulini nasemlotheni.

isitha masiwuzingele umphefumulo wami , siwufice, sikunyathele phansi ukuphila kwami, nesithunzi sami sisilahle phansi othulini. Sela

Amandla ami omile njengodengezi ; ulimi lwami lunamathela olwangeni lwami; ungibeka othulini lokufa.

Bonke abacebileyo bomhlaba bayakudla , bakhuleke; bonke abehlela othulini bayakukhothama phambi kwakhe , naye ongenakugcina umphefumulo wakhe ekuphileni.

Ngokuba umphefumulo wethu ukhothamele othulini ; umzimba wethu unamathele emhlabathini.

Uyambuyisela umuntu othulini, uthi: Buyani, bantwana babantu.

Uyasitheza ubuso bakho , zethuke; uyasusa umphefumulo wazo , zife, zibuyele othulini lwazo.

Uyavusa odingayo othulini, aphakamise ompofu ezaleni,

Umphefumulo wami unamathela othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho.

Kepha abafiley o bakho bayakubuye baphile , izidumbu zabo zivuke . Phaphamani, nijabule nina enihlala othulini , ngokuba amazolo akho angamazolo okukhanya, nomhlaba uyakubakhipha abafileyo.

Uyakubhidlizelwa phansi , ukhulume usemhlabathini; ukukhuluma kwakho kuyakuthotshiselwa phansi , kuphume othulini , izwi lakho libe njengelonedlozi livela emhlabathini , ukukhuluma kwakho kubethe imiloz i othulini.

Ningakulandisi eGati, ningakhali e-Akha; eBeti Afera huquzelani othulini.