IDwala elakuzalayo awusalinakekeli, ukhohliwe uNkulunkulu owakudalayo.
Kepha manje usho kanje uJe hova owakudalayo wena Jakobe , nowakubumba wena Israyeli, uthi: Ungesabi ngokuba ngikuhlengile , ngikubizile ngegama lakho; ungowami.
Usho kanje uJehova owakudalayo , wakubumba kwasesiwini, oyakukusiza, uthi: Ungesabi, Jakobe, nceku yami, wena Jeshuruni engikukhethileyo.