Ngubani owenyuka ehlane encike kothandiweyo wakhe na? Umakoti: Phansi komapula ngakuvusa ; lapho unyoko wayenemihelo ngawe , khona lapho wayenemihelo owakuzalayo.
Lalela uyihlo owakuzalayo, ungamdeleli unyoko lapho esemdala.
Ngiyakukuzwibela kwelinye izwe , wena nonyoko owakuzalayo , lapho ningazalelwanga khona; niyakufela khona.