USara wabona indodana kaHagari owaseGibithe ayizalele u -Abrahama idlalisa.
UJosefa wehliselwa eGibithe ; uPotifari inceku kaF aro, induna yemilindankosi, owaseGibithe, wamthenga esandleni sabakwa -Ishmayeli ababemehlisele khona.
Kwathi ngalezo zinsuku uMose esekhulile , waphuma, waya kubafowabo , wabuka imithwalo yabo ; wabona owaseGibithe eshaya umHeberu , omunye wabafowabo.
Waphendukela ngalapha nangalapha ; esebonile ukuthi akukho muntu , wambulala owaseGibithe, wamthukusa esihlabathini.
Athi: OwaseGibithe usophulile esandleni sabelusi, futhi wasikhelela amanzi, waphuzisa izimvu.
Bafumana owaseGibithe endle, bamyisa kuDavide, bamnika isinkwa, wadla; bamphuzisa amanzi;
wabulala nowaseGibithe, umuntu owabukeka emuhle ; owaseGibithe wayephethe umkhonto esandleni sakhe , kepha wehlela kuye ephethe induku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe , wambulala ngomkhonto wakhe.
Wabona umuntu ephathwa kabi , wamvikela, wamphindisela ohlushwayo, wambulala owaseGibithe.
Usufuna ukungibulala nami, njengalokho ubulele owaseGibithe izolo na?