Kwavela izwi phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo ; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.
Phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakunjengokungathi isihlalo sobukhosi , isimo saso s injengetshe lesafire . Phezu kokwakunjengesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nomuntu phezu kwaso ngaphezulu.
Ngase ngibona, bheka, emkhathini owawuphezu kwamakhanda amakherubi kwabonakala okunjengetshe lesafire, kufana kungathi nesihlalo sobukhosi.