Ifa labantwana bakwa -Israyeli aliyikuhamba izizwe ngezizwe , ngokuba abantwana bakwa -Israyeli bayakunamathela , kube yilowo nal owo efeni lesizwe sawoyise.
Manje yisho kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema , uthi: Usho kanje uJehova , uthi: Bhekani, nginibumbela okubi , ngiceba icebo ngani ; buyani, kube yil owo nalowo endleleni yakhe embi , nizenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.