Bheka, izwi likaJehova leza kuye , lathi: Lona akayikudla ifa lakho , kepha oyakuphuma ezibilinini zakho uyakudla ifa lakho.
Isizukulwane esizayo , abantwana benu abayakuvela emva kwenu , nomfokazi oyakuphuma ezweni eliku de bayakusho , lapho bebona izinhlupheko zaleso sizwe, nezifo uJehova aligulise ngazo,