Skip to Content

"ozelwe"

9 occurrences in ZUL

Onezinsuku eziyisishiyagalombili phakathi kwenu uyakusokwa , bonke abesilisa ezizukulwaneni zenu , lowo ozelwe endlini nalowo othengwe ngemali kowezizwe, ongesiye owenzalo yakho.

Makasokwe ozelwe endlini yakho nothengwe ngemali yakho; isivumelwano sami siyakuba senyameni yenu, sibe yisivumelwano esiphakade.

Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza.

Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa , bambheke abamgwazileyo , bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa , babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.

Uphi lowo ozelwe eyinkosi yabaJuda na? Ngokuba sibonile inkanyezi yakhe kwelasempumalanga, size ukukhuleka kuye.

Selokhu kwathini akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe.

Lowo ozelwe nguNkulunkulu akenzi isono , ngokuba imbewu yakhe ihlala kuye; futhi akanakona, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu.

Yilowo nalowo okholwa ukuthi uJesu unguKristu uzelwe nguNk ulunkulu, nalowo othanda ozeleyo uthanda naye ozelwe nguye.

Siyazi ukuthi yilowo n alowo ozelwe nguNkulunkulu akoni , ngokuba ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, nomubi akamthinti.