Ungekudle ngaphakathi kwamasango akho okweshumi kwamabele akho , noma okwewayini lakho , noma okwamafutha akho , noma okwamazibulo ezinkomo zakho, noma awezimvu zakho, noma izithembiso zakho ozenzayo, noma iminikelo yakho yesihle , noma umnikelo wokuphakanyiswa wesandla sakho,
Lowo-ke weza kuye ebusuku, wathi kuye: Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovele kuNkulunkulu , ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo , uma uNkulunkulu engenaye.