Yilokhu ukukhonza kwami ngesandla sami , mina Pawulu . Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani.
nokho ngenxa yothando okungcono ngiyancenga , njengokuba nginje mina Pawulu osemdala, manje futhi ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu,
owayekhona kumbusi wezwe uSergiyu Pawulu , umuntu onengqondo enhle. Yena wabiza oBarnaba noSawulu, wafuna ukuzwa izwi likaNkulunkulu.
Kwathi esaziphendulela kanjalo , uFestu wathi ngezwi elikhulu : Pawulu, uyahlanya; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.
yathi: U ngesabi, Pawulu; umelwe ukuma phambi kukaKesari ; bheka, uNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe emkhunjini.
Nakhu ukukhonza kwami mina Pawulu ngesandla sami.
Kepha mina Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangokuva kukaKristu, mina engithobile phambi kwenu nxa ngikhona , kepha nginesibindi kini nxa ngingekho,
Bhekani, mina Pawulu ngithi kini , uma nisoka , uKristu kayikunisiza ngalutho.
Ngenxa yalokho mina Pawulu ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu nina bezizwe --
uma kambe nihlala ekukholweni , nisekeliwe nigxilile , ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo , elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Pawulu. UPawulu uthokozela ukubasebenzela nokubalwela
Ngakho besithanda ukuza kinina , mina Pawulu ngokwami kanye nakabili , kepha uSathane wasivimbela.
Ngiyakhonza ngesa ndla sami mina Pawulu , okuluphawu ezincwadini zonke; ngiloba kanjalo.
mina Pawulu ngikuloba ngesandla sami, ngiyakukukhokha ukuba ngingaze ngisho kuwe ukuthi nawe unecala kimi elinguwe uqobo.