"pho"
127 occurrences in ZUL
U-Isaka wayesethuthum ela nokuthuthumela kakhulu impela , wathi: Ngubani, pho, othathe inyamazane , wayiletha kimi , ngayidla yonke ungakafiki, ngambusisa, na? Yena uyakuba ngobusisiweyo.
ayinkulu kunami kule ndlu ; futhi ayingigodlelanga lutho ngaphandle kwakho kuphela , ngokuba ungumkayo ; pho, ngingenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu na?
Bheka, imali esayifumana emilonyeni yamasaka ethu sayibuyisa ezweni laseKhanani, sayiletha kuwe; pho, besingeba kanjani endlini yenkosi yakho isiliva noma igolide na?
babahlanganyela oMose no -Aroni, bathi kubo : Sekwanele okwenu , lokhu inhlangano yonke ingcwele, bonke bayo, noJehova ekubo; niziphakamiselani, pho, phezu kwebandla likaJehova na?
Pho, ungcono yini kunoBalaki indodana kaSipori , inkosi yakwaMowabi , na? Wake waphikisana no-Israyeli, wake walwa nabo na?
Abantu abayizinkulungwane ezintathu bakwaJuda behlela ofantwini lwedwala lase -Etamu, bathi kuSamsoni : Awukwazi yini ukuthi amaFilisti abusa phezu kwethu na ? Kuyini, pho, lokho okwenzile kithina na ? Wathi kubo: Njengalokho benza kimi, ngenze njalo kubo.
Wayesethi uSawule kuyo inceku yakhe : Kepha bheka , uma siya khona , siyakulethani kulowo muntu na ? Ngokuba isinkwa siphelile ezitsheni zethu ; akukho nto esingayiyisa kulowo muntu kaNkulunkulu; sinani, pho, na?
USamuweli wayesethi: Kuthini, pho, lokhu kukhala kwezimvu ezindlebeni zami, nokukhala kwezinkabi engikuzwayo, na?
wabeka ukuphila kwakhe esandleni sakhe , wabulala umFilisti , uJehova wamenzela wonke u -Israyeli insindiso enkulu , wakubona wena, wathokoza; pho, uyakulonelani igazi elingenacala, umbulale uDavide engone lutho na?
Wathi kuye : Makube kude lokho ; awuyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane engakwambuleli kimi; pho, ubaba ubeyakungifihlela le nto na? Akuyikuba njalo.
Kuyakuthi la pho uJehova esekwenzile enkosini yami njengakho konke okuhle akukhulumileyo ngawe, akubeke ube ngumbusi kwa-Israyeli,
U-Uriya wathi kuDavide : Umphongolo, no-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami zimisile endle ; mina-ke, pho, ngingene endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Kuphila kwakho nokuphila komphefumulo wakho, angiyikuyenza leyo nto.
Kwathi ngosuku lwes ikhombisa umntwana wafa . Izinceku zikaDavide zesaba ukumtshela ukuthi umntwana ufile , ngokuba zathi : Bhekani, umntwana esezwa sakhuluma kuye , akalalelanga izwi lethu ; pho, singamtshela kanjani ukuthi umntwana ufile? Angenza ingozi.
Inceku yakho iyakusimze iwele nje iJordani nenkosi ; pho, inkosi iyakungivuzelani ngomvuzo ongaka na?
Hamba ungene enkosini uDavide , uthi kuyo : Wena nkosi yami , nkosi, awufunganga yini kuyo incekukazi yakho ngokuthi : USolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami , ahlale esihlalweni sami sobukhosi , na? Pho, kungani ukuba kubuse u-Adoniya na?
Kepha uNkulunkulu uyakuhlala impela emhlabeni na? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela ; pho, kakhulu kangakanani le ndlu encane engiyakhileyo na?
Wayesehamba-ke, wafika kulowo muntu kaNkulunkulu entabeni yaseKarmeli. Kwathi la pho lowo muntu kaNkulunkulu embona esekude , wathi kuGehazi inceku yakhe: Bheka, nanguya umShunemikazi;
Kepha besaba kakhulu impela , bathi: Bheka, amakhosi amabili awemanga phambi kwakhe; pho, thina singema kanjani na?
Wena uyakhuluma , kepha kungamazwi angawomlomo nje lana ngesu nangamandla okulwa. Pho, wethemba bani, lokhu ungihlubukile, na?
Pho, ungaphindisela emuva kanjani nenduna eyodwa ezincekwini ezincane zenkosi yami na ? Nokho wethemba iGibithe ukuthola khona izinqola nabamahhashi.
Bheka, wena uzwile okwenziwe ngamakhosi ase-Asiriya kuwo onke amazwe ngokuwachitha; pho, wena uyakophulwa na?
Kepha uNkulunkulu uyakuhlala impela nabantu emhlabeni na ? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela ; pho, kakhulu kangakanani le ndlu encane engiyakhileyo na?
igolide lokwegolide, isiliva lokwesiliva , yebo, kuwo wonke umsebenzi wezandla zezingcweti. Ngubani, pho, othokozela namuhla ukuzahlukanisela uJehova na?
Kodwa ngubani onamandla okumakhela indlu, lokhu izulu nezulu lamazulu lingemanele na ? Pho, mina ngingubani ukuba ngimakhele indlu , ukuze kushiswe impepho phambi kwakhe na?
Inkosi yayisithi ku -Esteri inkosikazi : AbaJuda babulele bac hitha abantu abangamakhulu ayisihlanu eShushani endlini yenkosi namadodana ayishumi kaHamani; pho, benzeni kwezinye izifunda zenkosi ? Isicelo sakho siyini ? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa.
Umhlaba unikezwe esandleni sababi ; uyasibekela ubuso babahluleli bawo ; uma kungesiye, pho, ngubani na?
Lapho bethi kini : Funani kwabanamadlozi nakubathakathi ababetha imilozi, banyenyeze pho , abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini ? Kuyiwe kwabafileyo ngabaphilayo na?
Pho, baphi abahlakaniphileyo bakho na ? Mabakutshele, bakwazise lokhu akucebile uJehova Sebawoti ngeGibithe.
Abakhileyo kuleli elingasogwini bayakuthi ngalolo suku : Bheka, linjalo ithemba lethu esabalekela kulo ukuba sisizwe , sophulwe enkosini yase - Asiriya; pho-ke, thina siyakuphunyuka kanjani na?
Wena uyakhuluma , kepha kungamazwi angawomlomo nje lana ngesu nangamandla okulwa. Pho, wethemba bani, lokhu ungihlubukile na?
Pho, ungaphindisela emuva kanjani ne nduna eyodwa ezincekwini ezincane zenkosi yami na ? Nokho wethemba iGibithe ukuthola khona izinqola nabamahhashi.
Bheka, wena uzwile okwenziwa ngamakhosi ase-Asiriya kuwo onke amazwe ngokuwachitha; pho, wena uyakophulwa na?
Mina ngakutshala ungumvini omuhle , imbewu elungileyo yodwa ; pho, uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi , elomvini wabezizwe , na?
Ibhalisamu alikho kwaGileyadi na ? Inyanga ayikho lapho na ? Pho, ayipheleliswa ngani impilo yendodakazi yabantu bami na?
Kuyakuthi la pho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isigcwalisekile , ngihambele inkosi yaseBabele nesizwe leso , usho uJehova , ngobubi babo , kanye nezwe lamaKaledi, ngilenze libe yincithakalo ephakade.
Pho, ufana nobani ngodumo nangobukhulu phakathi kwemithi yase-Edene na? Nokho uyakwehliselwa kokuphansi komhlaba kanye nemithi yase -Edene, ulale phakathi kwabangasokile nabagwazwe ngenkemba . Lo unguFaro nesixuku sakhe sonke, isho iNkosi uJehova.
Wena ndodana yomuntu , yisho kuyo indlu yakwa -Israyeli, uthi: Nisho kanje, nithi: Impela iziphambeko zethu nezono zethu ziphez u kwethu , siyonda ngenxa yazo; pho, siyakuphila kanjani na?
Ngalokho thana kubo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Nidla okunegazi , niphakamisa amehlo enu ezithombeni zenu, nichitha igazi. Pho, niyakudla ifa lezwe na?
Niyethemba enkembeni yenu , nenza izinengiso , ningcolisa, kube yilowo nalowo umkamakhelwane wakhe. Pho, niyakudla ifa lezwe na?
Kwase kufika izisebenzi zomnumzane, zathi kuye: Nkosi, awuhlwanyelanga imbewu enhle ensimini yakho na? Pho, ilutholephi ukhula na?
Ukubhapathiza kukaJ ohane kwavelaphi , ezulwini nokuba kubantu , na? Bakhulumisana bodwa , bathi: Uma sithi : Ezulwini, uzakuthi kuthi : Pho, anikholwanga nguye ngani na?
Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo neqondayo , inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi sakho na?
UPilatu wathi kubo : Pho-ke, ngimenze njani uJesu othiwa uKristu na ? Bonke bathi: Makabethelwe esiphambanweni.
UDavide uqobo lwakhe umbiza ngokuthi iNkosi . Pho, uyindodana yakhe kanjani na? Ukusolwa kwababhali (Math. 23: 1; Luk. 20: 45) Isixuku esikhulu sasimuzwa ngokujabula.
Kepha uNkulunkulu wathi kuye : Wena siwula , ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe ; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na?
Kepha uJesu waphendula wathi: Akuhlanjululwanga abayishumi na? Baphi, pho, abayisishiyagalolunye na?
Kepha wababheka , wathi: Yini, pho, lokhu okulotshiweyo ukuthi : Itshe abalinqabayo abakhi lona laba yinhloko yegumbi ?
Bambuza bathi : Uyini pho ? Ungu-Eliya na ? Wathi: Angisiye. UngumProfethi na? Waphendula wathi: Qha.
Wathi kuye : Nkosi, awuphethe lutho lokukha amanzi , umthombo ujulile; uwathathaphi, pho, lawo manzi aphilayo na?
Bathi-ke: Lona akusiye uJesu indodana kaJosefa , uyise nonina sibazi na ? Usesho kanjani, pho, ukuthi: Ngehle ezulwini, na?
Uma umuntu amukela ukusoka ngesabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho, ningithukuthelela ngokuba ngaphulukisa umuntu ngokuphelele ngesabatha na?
Bababuza bathi: Lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa iyimpumputhe na? Pho, isibona kanjani manje na?
Kwase kuvela umsindo omkhulu, kwasukuma abathile kubabhali benxenye yabaFarisi, balwa kakhulu , bathi: Asifumani lutho olubi kulo muntu ; uma, pho, kukhulume kuye umoya noma ingelosi na?
Kunjani pho ? Uma abanye bengakholw anga, ukungakholwa kwabo kuyakwenza ize ukukholeka kukaNkulunkulu na?
Pho, kwabalelwa kanjani na? Esesokile yini noma engakasoki na? Akubanga esesokile, kodwa engakasoki.
Ngalokho-ke la pho indoda isekhona , uyakuthiwa isiphingi, uma eba ngowenye indoda ; kepha nxa indoda isifile , ukhululekile emthethweni , angebe yisiphingi, uma eba ngowenye indoda.
Pho, okuhle kwaba ngukufa kimi na ? Qha nakanye ; kepha isono , ukuba sibonakale ukuthi siyisono , sangibangela ukufa ngakho okuhle , ukuze isono ngawo umyalo sibe ngesonayo kakhulu. Ubugqila bomuntu phansi komthetho
Uma, pho, uNkulunkulu, ethanda ukubonakalisa ulaka nokuveza amandla akhe, wathwala ngokubekezela okukhulu izitsha zolaka ezilungiselwe ukubhujiswa
Kunjani, pho? Lokho u-Israyeli akufunayo akakufumananga, kepha abakhethiweyo bakufumana, abanye benziwa baba lukhuni,
Kepha uma isiphambeko sabo siyingcebo yezwe , nokuncipha kwabo kuyingcebo yabezizwe, pho, kakhulu kangakanani ukuphelela kwabo.
Pho, uyini u -Apholo? Uyini uPawulu na ? Bayizikhonzi enakholwa ngazo , kwaba yilowo nalowo njengokupha kweNkosi.
Anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKristu na ? Pho, ngithathe izitho zikaKristu, ngizenze izitho zesifebe na? Qha nakanye.
Pho, uyini umvuzo wami na ? Uyilokhu ukuba nxa ngishumayela ivangeli , ngikwenze ukuba ivangeli lingabizi lutho , ukuze ngingasebenzisi ilungelo lami enginalo evangelini. UPawulu uyisigqila sabo bonke
Kunjani pho? Ngizakukhuleka ngomoya, ngikhuleke nangengqondo futhi; ngizakuhuba ngomoya, ngihube nangengqondo futhi.
Kunjani, pho, bazalwane? Uma nibuthana , yilowo nalowo uba nehubo , noma isifundiso, noma ukwambula, noma izilimi, noma ukuhumusha. Konke akwenzelwe ukwakhiwa kwebandla.
Pho, bayakwenze njani ababhapathizelwa abafileyo na ? Uma abafileyo bengavuki nempela, babhapathizelwani ngenxa yabo na?
Pho-ke, bengidlala nje ngisahlose lokho na ? Lokho engikuhlosayo ngikuhlosa ngokwenyama yini , ukuze kimina kube nguyebo yebo , kanye noqhabo qhabo, na?
Pho, umthetho uyini na ? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko , kuze kufike inzalo enikiwe isithembiso, umisiwe ngezingelosi, ngesandla somlamuleli.
Pho-ke, umthetho uphambene nezithembiso zikaNkulunkulu na ? Qha nakanye. Ngokuba uma wawunikiwe umthetho onamandla okuphilisa , ngempela ukulungisiswa ngakuya ngomthetho.
Pho, sekwayaphi ukuzihalalisela kwenu na ? Ngokuba ngiyanifakazela ngokuthi, uma kwakungenzeka , nanizakukhipha amehlo enu , ninginike wona.
Kunani pho ? Nokho uKristu uyamenyezelwa ngezindlela zonke , noma ngokuzenzisa noma ngesiminya ; kulokho-ke ngiyathokoza , yebo, ngiyakuthokoza,
pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu , wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?