Skip to Content

"qha"

73 occurrences in ZUL

UNkulunkulu wathi : Qha, uSara umkakho uyakukuzalela indodana ; uyakubiza igama l ayo ngokuthi u -Isaka; ngiyakusimisa isivumelwano sami naye, sibe yisivumelwano esiphakade nenzalo yakhe emva kwakhe.

USara waphika wathi : Angihlekanga, ngokuba wesaba. Kepha wathi: Qha, uhlekile. Ukumenyezelwa kokuchithwa kweSodoma nokulikhulekela kuka-Abrahama

wathi: Bhekani, makhosi, ake niphambuke, ningene endlini yenceku yenu , nihlale ubusuku , nigeze izinyawo zenu andukuba nivuke ekuseni kusasa , nihambe indlela yenu. Zathi: Qha, siyakuhlala phandle.

Indoda yayibhekisisa ithule ukuba yazi , uma uJehova ebephumelelisile indlela yayo noma qha.

Bathi kuye: Qha, nkosi, izinceku zakho zize ukuba zithenge ukudla.

UJehova wayesethi kuMose : Bheka, ngizakuninisela isinkwa esivela ezulwini; abantu bayakuphuma , babuthe isabelo sosuku imihla ngemi hla, ukuze ngibavivinye ukuthi bazakuhamba yini emthethweni wami noma qha.

Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMasa neMeriba ngenxa yokuphikisana k wabantwana bakwa-Israyeli, nangokuba bemlinga uJehova , bethi: Ukhona yini uJehova phakathi kwethu noma qha? Ukulwa no-Amaleki

UJehova wathi kuMose : Isandla sikaJehova sifinyele na ? Usuyakubona uma izwi lami liyakwenzeka kuwe noma qha.

nokuthi izwe linjani, noma livundile noma limpofu, noma linezinkuni noma qha. Yibani nesibindi, nibuye nezithelo zezwe . Kwase kuyisikhathi sezithelo zokuqala zomvini.

Kepha imbongolo yathi kuBileyamu : Angisiyo imbongolo yakho oyikhwele konke ukuhamba kwakho kuze kube manje na? Ngangivama ukwenza kanjalo kuwe na? Wathi: Qha.

Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu,

Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise , akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma ubuyakuyigcina imiyalo yakhe noma qha.

Yathi: Qha, ngifikile njengesikhulu sebandla likaJehova . UJoshuwa wayesewa ngobuso emhlabathini, wakhuleka, wathi kuyo: Ithini inkosi yami encekwini yayo na?

Qha, impela senzile lokho ngokunakekela nangesizathu, sathi: Ngesikhathi esizayo abantwana benu bangakhuluma kubantwana bethu ngokuthi : Ninamsebenzi muni noJehova uNkulunkulu ka-Israyeli na?

Kepha abantu bathi kuJoshuwa: Qha, ngokuba siyakumkhonza uJehova.

ukuze ngivivinye ngazo u -Israyeli, uma beyakugcina indlela kaJehova ukuba bahambe ngayo njengalokho oyise bebeyigcina, noma qha.

Wathi kuye: Yima emnyango wetende; kuyakuthi nxa kufika umuntu abuze kuwe athi: Kukhona muntu lapha na? uthi: Qha.

Basho kuye , bathi: Qha, kepha siyakukubopha nokukubopha , sikunikele esandleni sawo , kodwa impela asiyikukubulala . Bambopha ngezintambo ezimbili ezintsha, bamkhuphulela edwaleni.

Yena wathi kuye : Qha, mnewethu, ungangiphoqi, ngokuba akufanele ukuba kwenziwe kanjalo kwa-Israyeli; ungenzi lobu buwula.

Inkosi yathi ku-Abisalomu: Qha, ndodana yami, masingahambi sonke, funa sikusinde. Wayicindezela; nokho ayivumanga ukuhamba, kodwa yambusisa.

Wayesethi uHushayi ku-Abisalomu: Qha, lo okhethwe nguJehova, nayilaba bantu, nangabantu bonke bakwa-Israyeli, ngiyakuba ngowakhe , ngihlale naye.

Inkosi yathi ku -Arawuna: Qha, ngiyakukuthenga nokukuthenga ngenani elithile; angiyikunikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova uNkulunkulu wami engeyesihle . UDavide wayesethenga isibuya nezinkabi ngamashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva.

UJonathani waphendula , wathi ku -Adoniya: Qha, inkosi yethu , inkosi uDavide, imbekile uSolomoni inkosi;

UBenaya wafika etendeni likaJehova , wathi kuye : Isho kanje inkosi , ithi: Phuma. Wathi: Qha, ngiyakufela lapha . UBenaya wabuyisela enkosini izwi lokuthi: Washo njalo uJowabe, wangiphendula kanjalo.

Wayesethi omunye owesifazane : Qha, ophilayo ungumfana wami , ofileyo ngumfana wakho . Kepha yena w athi: Qhabo, ofileyo ungumfana wakho , ophilayo ngumfana wami. Bakhuluma kanjalo phambi kwenkosi.

Yayisithi inkosi : Omunye uthi : Ngowami lo mfana ophilayo , ngumfana wakho ofileyo; omunye uthi: Qha, ngumfana wakho ofileyo, ngumfana wami ophilayo.

UHezekiya wathi : Kulula kuso isithunzi ukuba selule izinyathelo eziyishumi; qha, isithunzi masibuye izinyathelo eziyishumi.

Inkosi uDavide yathi ku -Orinani: Qha, ngiyakukuthenga nokukuthenga ngemali epheleleyo , ngokuba angizukumthathela uJehova okungokwakho , nginikele ngomnikelo wokushiswa ngengikuthole ngeze.

Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayaf a nokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha, imfuyo yabo bayishiyele abanye.

Abafileyo abamdumnisi uJehova, qha, noyedwa kwabehlelayo ekuthuleni.

Ingelosi eyayikhuluma nami yaphendula , yathi kimi : Awazi yini ukuthi ziyini lezi? Ngathi: Qha, nkosi.

Yangiphendula yathi: Awazi ukuthi ayini? Ngathi: Qha, nkosi.

Kodwa nasho nathi : Qha, siyakubaleka ngamahhashi , ngalokho niyakubaleka: S ikhwele anejubane , ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.

nithi: Qha, ngokuba siyakuya ezweni laseGibithe , lapho singayikubona khona impi , singezwa ukukhala kwecilongo , singalambeli ukudla , sihlale khona,

Qha! Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngimelene nezicamelo zenu enizingela ngazo lapha imiphefumulo njengezinyoni ; ngiyakuzihlwitha ezingalweni zenu, ngivumele imiphefumulo ukuba ihambe, le miphefumulo eniyizingelayo njengezinyoni.

Qha! Ngalokho khuluma kuwona , uthi kuwo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Yilowo nalowo muntu wakwa-Israyeli ongenisa izithombe zakhe enhliziyweni yakhe , abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi , mina Jehova ngiyakumphendula ngokobuningi bezithombe zakhe,

Ekuletheni iminikelo yenu nasekudabuliseni amadodana enu emlilweni niyazingcolisa ngazo zonke izithombe zenu kuze kube namuhla . Mina ngiyakubuzwa yinina , nina ndlu yakwa -Israyeli, na? Qha, kuphila kwami , isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.

Uma umuntu ephethe inyama engcwele emphethweni wengubo yakhe , ethinta ngomphetho wakhe isinkwa , noma ukudla , noma iwayini , noma amafutha, noma yikuphi ukudla, kuyakuba ngcwele na ? Abapristi baphendula bathi: Qha.

Imbewu isesibuyeni na ? Qha, imivini, nemikhiwane, namapomegranati, neminqumo akuthelanga; kepha kusukela kulolu suku ngiyakukubusisa.

Kodwa wathi : Qha, funa nithi , nxa nibutha ukhula , nisiphule amabele kanye nalo.

Ngakho sitshele, uthini wena? Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?

Kepha ezihlakaniphileyo zaphendula zathi: Qha, funa angasaneli thina nani. Okungcono hambani niye kwabathengisayo, nizithengele.

Beza bathi kuye : Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile nokuthi awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu , kodwa indlela kaNkulunkulu uyifundisa ngeqiniso . Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha ? Sithele nokuba singatheli na?

Nithi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni na ? Ngithi kini : Qha, kepha kakhulu ukwahlukana.

Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke.

Ngithi kini : Qha, kepha uma ningaphenduki , niyakubhubha ngokunjalo nonke.

UJesu wathatha , wathi kuzo izazimthetho nabaFarisi : Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha noma qha?

Sathi-ke: Qha, baba Abrahama, kodwa uma kusuka umuntu kwabafileyo , aye kubo, bayakuphenduka.

Uzakuza, ababhubhise labo balimi , isivini asinike abanye . Bekuzwa bathi: Qha, makungabi njalo.

Sivunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?

Bambuza bathi : Uyini pho ? Ungu-Eliya na ? Wathi: Angisiye. UngumProfethi na? Waphendula wathi: Qha.

Kwaba khona ukukhonona okukhulu ngaye phakathi kwezixuku . Abanye bathi: Muhle; abanye bathi: Qha, ngokuba udukisa abantu.

Abanye bathi: Nguyena, abanye bathi: Qha, kepha ufana naye ; yena wathi: Nginguye.

Khona babuye bamemeza bonke , bathi: Qha lona, kodwa uBaraba. Kepha uBaraba wayengumphangi.

UJesu wathi-ke kubo: Bantwana, aninakho ukudla na ? Bamphendula bathi: Qha.

Qha, nathatha itende likaMolok i nenkanyezi kankulunkulu uRemfani , imifanekiso enayenza ukuba nikhuleke kuyo. Ngiyakunimukisela ngaphambili kweBabiloni.

Kepha uPetru wathi : Qha, Nkosi, ngokuba angizange ngikudle okuyichilo nokungcolileyo.

Kepha ngathi : Qha, Nkosi, ngokuba okuyichilo nokungcolileyo akuzange kungene emlonyeni wami.

Qha nakanye ; kepha makube ngukuthi : UNkulunkulu uqinisile , wonke umuntu ungumqambimanga , njengokuba kulotshiwe ukuthi : Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho, unqobe ekwahlulelweni kwakho.

Qha nakanye, ngokuba uNkulunkulu uyakulahlulela kanjani izwe, pho, na?

Kunjani kanti? Siyabadlula na? Qha nakanye, ngokuba bese sibamangalele abaJuda namaGreki ngokuthi bonke baphansi kwesono,

Ngakho-ke umthetho siwenza ize ngenxa yokukholwa na ? Qha nakanye, kodwa siyawuqinisa umthetho.

Ngokuba uma u-Abrahama walungisiswa ngemisebenzi, unakho ukuzibonga; kodwa phambi kukaNkulunkulu qha.

Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?

Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye.

Ngakho siyakuthini na ? Umthetho uyisono na ? Qha nakanye ; kepha bengingasazanga isono , uma bekungengomthetho ; ngokuba ukufisa bengingakwazanga, uma umthetho ubungashongo ukuthi: Ungafisi;

Pho, okuhle kwaba ngukufa kimi na ? Qha nakanye ; kepha isono , ukuba sibonakale ukuthi siyisono , sangibangela ukufa ngakho okuhle , ukuze isono ngawo umyalo sibe ngesonayo kakhulu. Ubugqila bomuntu phansi komthetho

Ngakho siyakuthini na? Kukhona yini ukungalungi kuNkulunkulu na? Qha nakanye.

Ngalokho ngithi : UNkulunkulu usilahlile isizwe sakhe na ? Qha nakanye , ngokuba nami ngingumIsrayeli , wenzalo ka -Abrahama, wesizwe sakwaBenjamini.

Ngakho ngithi : Bakhubeka ukuba bawe na ? Qha nakanye ; kepha ngesiphambeko sabo insindiso ifikile kwabezizwe ukubavusela umhawu.

Anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKristu na ? Pho, ngithathe izitho zikaKristu, ngizenze izitho zesifebe na? Qha nakanye.

Kepha uma thina , lapho sifuna ukulungisiswa ngoKristu , nathi uqobo safunyanwa siyizoni, kanti uKristu uyisikhonzi sesono na? Qha nakanye.

Pho-ke, umthetho uphambene nezithembiso zikaNkulunkulu na ? Qha nakanye. Ngokuba uma wawunikiwe umthetho onamandla okuphilisa , ngempela ukulungisiswa ngakuya ngomthetho.