Ngokuba uJehova uyakusukum a njengasentabeni yasePherasimi , athukuthele njengasesigodini saseGibeyoni , ukuze enze umsebenzi wakhe , umsebenzi wakhe ongavamile , afeze isenzo sakhe , isenzo sak he esimangalisayo.
Kuyakuthi lapho bala ukuthatha indebe esandleni sak ho ukuba bayiphuze , usho kubo ukuthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Impela niyakuphuza.