Kepha sakhuleka kuNkulunkulu wethu , sabamisela abalindi imini nobusuku ngenxa yabo.
Kepha noma kungenjalo , makwazeke kuwe nkosi ukuthi asiyikukhonza onkulunkulu bakho, ngeke sakhuleka esithombeni segolide osimisileyo.
Kwathi sesiqedile lezo zinsuku , saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana , kwaze kwaba ngaphandle komuzi ; saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,