Skip to Content

"samafilisti"

17 occurrences in ZUL

Intukuthelo kaJehova yamvuthela u -Israyeli, wathengisa ngabo esandleni samaFilisti nasesandleni sabantwana bakwa-Amoni.

Abantwana bakwa -Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova ; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane.

ngokuba bheka , uyakukhulelwa, uzale indodana , impuco ayiyikuthinta ekhanda layo , ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni; uyakuqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.

Base bethi kuye : Sehlele ukuba sikubophe , ukuze sikunikele esandleni samaFilisti. USamsoni wathi kubo : Fungani kimi ukuthi nina aniyikungisukela.

USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu ka -Israyeli, wathi: Uma nibuyela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani kini onkulunkulu babezizwe no- Ashitaroti, nibhekise izinhliziyo zenu kuJehova , nimkhonze yena yedwa ; uyakunophula esandleni samaFilisti.

Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuSamuweli : Ungaphezi ukusikhalela kuJehova uNkulunkulu wethu ukuba asisindise esandleni samaFilisti.

Imizi amaFilisti ayeyithathile ku -Israyeli yabuyiselwa ku -Israyeli, kusukela e-Ekroni kuze kube seGati; umkhawulo wayo u-Israyeli wawophula esandleni samaFilisti. Kwaba khona ukuthula phakathi kuka-Israyeli nama-Amori. USamuweli ungumahluleli

Kusasa ngalesi sikhath i ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u -Israyeli, asindise abantu bami esandleni samaFilisti , ngokuba ngibonile abantu bami , lokhu ukukhala kwabo kufikile kimi.

Kepha bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, wathengisa ngabo esandleni sikaSisera induna yempi yaseHasori , nasesandleni samaFilisti , nasesandleni senkosi yakwaMowabi, balwa nabo.

USawule wathi kuDavide : Bheka, indodakazi yami enkulu uMerabi ngiyakukunika yona ibe ngumkakho; yiba yiqhawe lami kuphela, ulwe izimpi zikaJehova. Ngokuba uSawule wathi: Isandla sami masingabi phezu kwakhe , kepha isandla samaFilisti masibe phezu kwakhe.

Wayesethi uSawule : Ngiyakumnika yena ukuba abe lugibe kuye , isandla samaFilisti sibe phezu kwakhe . Ngalokho uSawule wathi kuDavide: Uyakuba ngumkhwenyana wami ngokwesibili namuhla.

USawule wathi : Niyakusho kanje kuDavide , nithi: Inkosi ayifuni ilobolo , kuphela amajwabu ayikhulu amaFilisti ukuba kuphindiswe ezitheni zenkosi . USawule wacabanga ukumwisa uDavide ngesandla samaFilisti.

Futhi uJehova uyakunikela u -Israyeli kanye nawe esandleni samaFilisti ; kusasa wena namadodana akho niyakuba nami ; uJehova uyakunikela nempi yabakwa-Israyeli esandleni samaFilisti.

kwenzeni lokho manje , ngokuba uJehov a ukhulumile ngoDavide ukuthi : Ngesandla senceku yami uDavide ngiyakusindisa abantu bami u -Israyeli esandleni samaFilisti nasesandleni sazo zonke izitha zabo.

Kwathi emva kwalokho uDavide wawashaya amaFilisti , wawahlula, wathatha itomu lomzimkhulu esandleni samaFilisti.

Bonke abantu babephikisana ezizweni zonke zakwa -Israyeli, bethi: Inkosi yasophula esandleni sezitha zethu , yasikhulula esandleni samaFilisti ; manje isibalekile ezweni, imbalekele u-Abisalomu.

Kwathi emva kwalokho uDavide wa washaya amaFilisti , wawahlula, walithatha iGati nemizana yalo esandleni samaFilisti.