Wayesekhuphuka u -Ahabi ukuba adle , aphuze. U-Eliya wakhuph ukela esiqongweni saseKarmeli , wakhothamela phansi , wabeka ubuso bakhe phakathi kwamadolo akhe.
Wathi: UJehova uyaduma eseSiyoni , ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema; amadlelo abelusi ayakulila, nesiqongo saseKarmeli siyakubuna.
Noma becasha esiqongweni saseKarmeli , ngiyakubafunisisa, ngibakhiphe khona; nakuba befihlekile emehlweni ami phakathi kolwandle , ngiyakuyala inyoka ukuba iphume khona, ibalume.