Futhi isandla sikaJehova sasimelene nawo ukuwachitha phakathi kwekamu, aze aphela.
Nomaphi lapho bephumela khona , isandla sikaJehova sasimelene nabo sibenzela okubi njengokukhuluma kukaJehova nanjengokufunga kukaJehova kubo; bantula kakhulu.
Ayesahlulwa amaFilisti , awabe esaphinda ukungena emikhawulweni ka - Israyeli; isandla sikaJehova sasimelene namaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli.