Skip to Content

"saze"

13 occurrences in ZUL

Intukuthelo kaJehova yabavuthela abakwa -Israyeli, wabazulisa ehlane iminyaka engamashumi amane , saze saphela sonke leso sizukulwane esasenzile okubi emehlweni kaJehova.

Sasuka eHorebe , sadabula lelo hlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo ngasendleleni yasentabeni yama -Amori, njengalokho uJehova uNkulunkulu wethu wasiyala, saze safika eKadeshi Barineya.

Izinsuku esahamba ngazo sisuka eKadeshi Barineya saze sawela umfula iZeredi zaziyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili , kwaze kwaphela isizukulwane samadoda empi phakathi kwekamu , njengalokho uJehova afunga kuwo.

Abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bema baqi na emhlabathini owomileyo nga phakathi neJordani , abantu bonke bawela emhlabathini owomileyo, saze sawela iJordani isizwe sonke saphelela.

ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu wawamisa amanzi aseJordani phambi kwenu, naze nawela, njengalokho uJehova uNkulunkulu wenu wenza eLwandle Olubomvu, alomisa phambi kwethu, saze sawela,

Kwathi onke amakhosi ama -Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo onke amakhosi amaKhanani ayengaselwandle esezwa ukuthi uJehova womise amanzi aseJordani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli saze sawela , izinhliziyo zabo zaphela amandla , kungabe kusaba khona sibindi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.

Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane , saze saphela isizwe sonke , yiwo amadoda empi aphuma eGibithe, lokhu engalalelanga izwi likaJehova , afunga kuwo uJehova ukuthi akayikuwabonisa izwe uJehova alifungela oyise ethi uyakusinika lona , izwe elivame ubisi nezinyosi.

wasuka wabulala amaFilisti saze sakhathala isandla sakhe , isandla sakhe sanamathela enkembeni ; uJehova wenza insindiso enkulu ngalolo suku ; abantu babuya emva kwakhe ukuba baphange kuphela.

Ngabheka ngaleso sikhathi ngenxa yenhlokomo yamazwi amakhulu akhulunywa luphondo; ngabheka saze sahlatshwa isilo , wachithwa umzimba waso, sanikelwa ukuba sishiswe ngomlilo.

Esebaqalazile bonke wathi kuye: Yelula isandla sakho. Wenze njalo-ke saze saphiliswa isandla sakhe.

Sesihambe kancane izinsuku eziningi saze safika kalukhuni ngaseKinidu, umoya ungasivumeli, sagudla iKrethe maqondana neSalimone,

Ngokuba asithandi, bazalwane, ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e- Asiya ukuthi sasindwa kakhulu impela ngaphezu kwamandla ethu , saze salahlekelwa nayithemba lokuphila.

saze samncenga uThithu ukuba , njengalokho wayeseqalile ngaphambili , kanjalo afeze futhi kini lowo msebenzi womusa.