Uyakhala nokukhala ebusuku , izinyembezi zawo zisezihla thini zawo ; kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo ; bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso, sebe yizitha zawo.
Abamelene nalo sebe yinhloko , izitha zalo zinokuthula , ngokuba uJehova ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo ; izingane zalo ziye ekuthunjweni ebusweni bezitha.
Nkosi, ngakho konke ukulunga kwakho mawubuyise intukuthelo yakho nokufutheka kwakho emzini wa seJerusalema, intaba yakho engcwele, ngokuba ngenxa yezono zethu nangobubi bawobaba iJerusalema nabantu bakho sebe yihlazo kubo bonke abasizungezayo.
sebe sikhuphulile basebenzisa izinto zokusiza , bawuzongolozela umkhumbi ngezintambo; kuthe besaba ukuthi bazakukhahleleka eSirti , behlisa izindwangu zomkhumbi, baqhutshwa kanjalo.