Abakhileyo ezweni , amaKhanani, sebebone isililo eGoreni Ha thadi bathi : Lokhu kuyisililo esinzima sabaseGibithe . Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi i-Abela Misirayimi elingaphesheya kweJordani.
Abantu sebebone ukuthi uMose ulibele ukwehla entabeni, abantu babuthana ku-Aroni, bathi kuye : Vuka usenzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lowo , umuntu owasikhuphula ezweni laseGibithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.
Abantwana bakwa-Amoni sebebone ukuthi banengekile kuDavide , abakwa- Amoni bathuma baqasha ama -Aramu aseBeti Rehobe nama -Aramu aseSoba, imigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili , nenkosi yaseMahakha inabantu abayinkulungwan e, nabantu baseThobi beyizinkulungwane eziyishumi nambili.
Abantwana bakwa -Amoni sebebone ukuthi bazenzile ukuba banengeke kuDavide, uHanuni nabantwana bakwa -Amoni bathuma amatalenta ayinkulungwane esiliva ukuziqashela izinqola nabamahhashi e -Aramu Naharayimi, nase-Aramu Mahakha, naseSoba.