UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi ngenyanga yokuqala yomnyaka wesibili, sebephumile ezweni laseGibithe, wathi:
Abantu bawaxosha endleleni eya eJordani emazibukweni ; sebephumile abawaxosha, bavala isango.
Nasi isizathu uJoshuwa abasoka ngaso : bonke abantu abaphuma eGibithe ababengabesilisa, onke amadoda empi , bafa ehlane ngasendleleni , sebephumile eGibithe.
Kwathi lapho abapristi sebephumile enda weni engcwele , ifu lagcwalisa indlu kaJehova,