Ndodana yomuntu , ngenxa yokuba iTire lishilo ngeJerusalema ukuthi : Ashila; laphukile ebe liyisango labantu ; seliphendukele kimi; ngiyakugcwala lapho selichithekile,
Ngiyakubahlakazela phakathi kwezizwe zonke abangazazanga . Izwe selichithekile emva kwabo , ukuze kungabikho muntu odlulayo nobuyayo , ngokuba benza izwe elihle laba yincithakalo.