Akwabe kusaba khona ukulwa kwaze kwaba semnyakeni wamashumi amathathu nanhlanu wokubusa kuka-Asa.
Futhi kusukela osukwini engamiswa ngalo ukuba ngibe ngumbusi wabo ezweni lakwaJuda , kwasemnyakeni wamashumi amabili kuze kube semnyakeni wamashumi amathathu nambili ka -Aritahishashita inkosi , iminyaka eyishumi nabili, mina nabafowethu asidlanga isinkwa sombusi.
Kepha uma sinika enye yezinceku zaso isipho sasefeni laso , siyakuba ngesayo kuze kube semnyakeni wokukhululeka , bese sibuyela esikhulwini; kepha ifa laso liyakuba ngelamadodana aso.